Bashiswe bephila abebesolwa ngobugebengu e-Alex

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amadoda amane asolwa ngokuhlukumeza umphakathi ashiswe aze aba ngumlotha ngoLwesibili ebusuku.

Laba basolwa bathathwe emijondolo yabo ese-Setjwetla, elokishini lase-Alexandra bashaywa ngaphambi kokuthi bathelwe ngophethiloli, bashiswa.

Ngesikhathi izikhulu zamaphoyisa ase-Bramley zizohlenga abasolwa, amalungu omphakathi abethukuthele ajikijele ngamatshe amaphoyisa ahoxa acela ukuba abuyiselwe emuva.

Ngesikhathi bebuya ne-backup, bese libashonele abasolwa abane. Bese bevele beshiswe bawumlotha namalungu omphakathi abesehambile endaweni yesigameko.

Inhloko yabaqaphi basemgwaqeni u-Emmanuel Ramahlo uthe uthole imininingwane ngezinsolo zokushaywa kwabasolwa ngamalungu omphakathi athukuthele ngezithuba zabo-10:00 ngoLwesibili ebusuku.

“Abebeqaphile bazamile ukubahlenga abasolwa kumphakathi kodwa amalungu omphakathi abedinwe eveva.

“Babathathe kubaqaphi babashaya ngaphambi kokuba babashise bephila,” usho kanje.

Uthe i-Setjwetla ibhekene nengwadla yobugebengu obucayi obuhlanganisa ukubulala, ukudlwengula, ukugetshengwa kuhlonyiwe kanye nokushaya i-GBV.

“Umphakathi ufice izibhamu ezimbili nemishini okusolakala ukuthi bekugqekezwa ngayo ezindlini zabantu,” kusho umqaphi wendawo.

“Amadoda amabili abanjiwe, ashaywa, acelwa ukuba akhombe ozakwabo abenza nabo ubugebengu. Kube sekubanjwa abanye abesilisa ababili ngemuva kokukhonjwa ozakwabo.”

Laba abasolwa abane bayiswe eduze komgwaqo ophithizelayo uVasco Da Gama lapho beshiselwe khona ngemuva kokuhlukunyezwa kanzima.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi uthe “Kubikwa ukuthi ngomhlaka-18 kuNtulikazi 2023 ngabo-8.30 ebusuku, amaphoyisa abikelwe ngesigameko sokubulala esenzeka e-Setjwetla endaweni yamaphoyisa e-Bramley.

“Ngesikhathi efika amaphoyisa afice iqulu labantu lijikijela amaphoyisa ngamatshe lingafuni ukubavumela eduze kwendawo yesigameko. Kubizwe i-backup nokuyilapho iqeqebana lihlakazeke khona amaphoyisa athola ukuthi amadoda amane ashiswe ashona.

 “Izimo ngesigameko azikacaci okwamanje futhi akekho osaboshiwe,” esho.

Ngesikhathi ithimba le-Scrolla.Africa lifika endaweni yesigameko, umdayisi wasemgwaqeni u-Adelia Makhwiyana ubematasa ekhuculula umlotha futhi bekubonakala amabala egazi phansi.

U-Adelia, odayisa izithelo nemifino, uthe lesi sigameko senzeke eseqedile umsebenzi.

“Kuyasihlukumeza ukuthi kufe abantu eduze kwesitolo sami. Kudingeke ukuthi ngihlanze indawo ukuze ngiqhubeke nokusebenza. Ayikho enye indawo engizosebenza kuyona,” kusho yena.

Imijondolo yase-Setjwetla ike yaba sematheni muva nje lapho kuhlaselwe khona abaqaphi basemgwaqeni abanye babulawa.

NgoNhlaba kulo nyaka, kudutshulwe abaqaphi bendawo abahlanu kwathi ababili balahlekelwa izimpilo zabo.

Esithombeni esingenhla: Umdayisi wasemgwaqeni u-Adelia Makhwiyana ukhuculula igazi nomlotha lapho kushiswe khona amadoda amane ashona

Izihloko zakamuva