Ngesikhathi usomahlaya u-Amy Schumer eqamba indodana yakhe igama elithi Gene Attell Fischer washeshe waqaphela ukuthi lokhu bekufana nokuzigwaza ngowakhe enganeni yakhe esanda kuzalwa.
Wayengahlosile ukuthi amagama omfana wakhe azwakale “njengezitho zangasese” uma ehlanganiswa.
USchumer nomyeni wakhe uChris Fischer abahlukile kubazali abaningi abachitha izinyanga becabanga igama abazoletha ingane yabo. Ngesikhathi ingane ibelethwa laba ababili baye baqhamuka namagama ababecabanga ukuthi azofanela indodana yabo esanda kuzalwa.
Igama eliphakathi lendodana yabo ngelokuhlonipha umngani wabo ongusomahlaya uDavid Attell.
Kodwa-ke, u-Schumer wabona uhlangothi oluhlekisayo njengoba ehlezi enza, futhi uye washintsha igama lendodana yakhe ngesikhathi ebona ukuthi “uGene Attell” kungase kungabi inhlanganisela engcono kakhulu yamagama.
Ekhuluma kwi-podcast yakhe ethi-3 Girls, 1 Keith ngoMbasa ngo-2020 uSchumer wathi: “Niyazi yini ukuthi uGene okuyigama lengane yethu lishintshwe ngokusemthethweni? Manje sekunguGene David Fischer.”
Uthe ukubiza indodana yabo “ngesitho sangasese” kwaba iphutha.
Ekugcineni konke kuye kwaphumelela njengoba ukushintsha igama eliphakathi lendodana yakhe libe nguDavid kwaba ukuhlonipha bobabili umngani wakhe wesikhathi eside nobaba wengane ogama lakhe eliphakathi nguDavid.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: U-Amy Schumer, umyeni wakhe kanye nendodana yabo uGene
Umthombo wesithombe: Twitter