Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Iveni ebelihamba ngesivinini esiphezulu ngoLwesithathu ekuseni lishayise imoto yabafundi, kwashona abafundi abangu-12.
Umthombo obuyingxenye yethimba elijutshwe endaweni yesigameko uthe ezinye zezingane zishe zaze zangabonakala. “Zizohlonzwa ngolibofuzo.
“Kube isigameko esibuhlungu. Iziphathimandla kudingeke ukuthi zisebenzise izinsimbi zokuhlukanisa ukuze zihlenge abanye abafundi, zikhiphe nezidumbu.”
Uthe iveni ishayise imoto yezitshudeni ngemuva, yagingqika yabe isivutha umlilo.
Itekisi ebigingqikile ebisetshenziswa njengemoto yokuthutha abafundi ezimele ibibukeka ishe yangqongqa yaphela ngesikhathi iziphathimandla zihlola indawo yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uBrigadier Brenda Muridili uthe ingozi ibiphakathi kweveni i-Ford Ranger kanye nekhumbi ebithwele izingane zesikole.
“Okwamanje singakuqinisekisa ukuthi kushone abangu-13 okuhlanganisa nomshayeli wekhumbi nabafundi abangu-12 kwathi abafundi abayisikhombisa baphuthunyiswa ezikhungweni zezempilo kanye nomshayeli weveni.
“Abafundi bebehanjiswa e-Blyvooruitsig nase-Rocklands Primary School B-lyvooruitzicht.”
Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
Phambilini ngoLwesithathu, uMatome Chiloane, uNgqongqoshe wezeMfundo, ezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nokuNgcebeleka e-Gauteng uthe: “Umnyango uphatheke kabi kakhulu ukuqinisekisa ukuthi abafundi abangu-11 base-Rocklands Primary School kanye noyedwa wase-Laerskool Blyvooruitsig e-Carletonville, kanye nomshayeli wabo, balahlekelwe impilo yabo engozini enyantisayo.
Isishoshovu sezemfundo uHendrick Makaneta unxuse abomthetho ukuthi baphenye kabanzi ngalesi sigameko ukuze kubonakale ukuthi asikho yini isandla semfene.
“Kubalulekile ukuthi kubhekwe isimo semoto yokuthutha abafundi ngamarekhodi ayo okusebenza ukuze kubonakale ukuthi ngabe konke kuhamba kahle yini,” kusho uMakaneta.

Khonamanjalo, okhulumela i-DA kwzeMfundo e-Gauteng uSergio Isa Dos Santos, unxuse uChiloane ukuthi abuyekeze ngokushesha umgomo okhona wokuthutha abafundi, athe “wehlulekile ukusiza abafundi bethu esifundazweni, okuholele ezingozini eziningi zezimoto ezibandakanya abafundi”.
UDos Santos uthe: “Njengengxenye yokuzinikela kwethu okungantengantengi ekuqinisekiseni ikusasa lezingane zase-Gauteng ngemfundo esezingeni, sizoqapha ngeso lokhozi uphenyo lwalesi sigameko futhi siqhubeke ngokungaphezi ukusungulwa kwenqubomgomo ebuyekeziwe yezokuthutha abafundi engagcini ngokusindisa impilo yabafundi kuphela kodwa futhi evula indlela yekusasa eliqhakazile lezingane zethu.”
Esithombeni ngenhla: Iveni eshayise imoto yesikole, nemoto eshile ngemuva.
Umthombo: Uthunyelwe