Lubhalwe nguLinda Ximba
Bathwele kanzima abashayisibhakela besifazane bakuleli emqhudelwaneni we-International Boxing Association (IBA) World Women’s Championships oqhubekayo e-New Delhi.
Izwe limelwe uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni, uLerato Mathibe noLethokuhle Sibisi emiqhudelwaneni yaminyaka yonke.
UMguni ulwa esigabeni sika-57kg futhi wenze konke okusemandleni akhe ngesikhathi elwa noThahn Yaho kodwa wehlulwa ngesinqumo sokuhlukana.
Owawina indondo yethusi kuma-Commonwealth Games uqale kahle kodwa uye wehluleka ngasekupheleni komzuliswano wokuqala. Uthathe umzuliswano wesibili ngendlela egculisayo futhi besicabanga ukuthi uzokwenza kahle kowesithathu.
USibisi obebonakala okwesibili kule miqhudelwano uphinde wakhombisa impi eshisa izikhotha kodwa wehlulwa uRahimova Zynab wase-Azerbaijan ngamaphuzu.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ese-India, lo mshayisibhakela wase-Dundee uchaze kabanzi ukuthi kungani ethwale kanzima.
“Bekungelula kwazise imbangi yami inde kakhulu. Ngomzuliswano wokugcina ngiye ngaqaphela ukuthi useqala ukukhathala futhi lokho kungiphe amandla kodwa kubukeka sengathi isikhathi sesihambile ngoba ubesewuwinile umzuliswano wokuqala nowesibili,” kusho uSibisi olwa ku-54kg.
Uthe yize elahlekelwe ziningi izinto ezinhle azitholile kulolu hambo.
Manje amehlo azobe ethe njo kuMathiba (50kg) obehlelelwe ukulwa noMagaya Veliswa wase-Swatini ngeSonto kusihlwa.
Esithombeni esingenhla: ULethokuhle Sibisi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe