Bashaya into ecokeme uMasterKG noMakhadzi

Sizwe Sibiya

Abaculi abafana noMasterKG noSho Madjozi sebezuze ingqopha-mlando emculweni wamazwe ngamazwe njengoba manje lezi zihlabani zase-Limpopo seziphinde zakhuphukela phezulu.

Izinombolo aziqambi amanga. Kusukela ngoLwesithathu izintandokazi zase-Limpopo uMaster KG noMakhadzi bahamba phambili eMzansi kwishadi elizimele le-iTunes SA nasemashadini omculo ku-YouTube.

Ingoma eshisa izikhotha ethi Dali Nguwe kaMaster KG kanye nethi Wanitwa Mos ehambisana nomculi uNkosazana uBasetsana no-Obeey Amor ihlezi endaweni yesibili eshadini lezingoma ze-iTunes ngemuva kokuba ikhishwe ngoZibandlela nyakanye.

Ingoma ethi Kulakwe ekhishwe ezinsukwini ezinhlanu ezedlule nguMakhadzi ehlanganisa uMaster KG nayo ihlezi endaweni yesibili kumculo ohamba phambili ku-YouTube ngaphandle kwevidiyo yomculo.

Into evimba izingoma zabo ezimbili ekuhambeni phambili ezinkundleni ezimbili zokusakazwa komculo izingoma ezimbili zaphesheya kwezilwandle eMelika nase-UK.

Kwi-iTunes uDali Nguwe ulandela i-Cold Heart eyi-PNAU Remix ka-Elton John & Dua Lipa, kanti ku-YouTube ingoma i-Kulakwe eqhudelana nevidiyo yengoma ethi-Do We Have A Problem? eculwa uNicki Minaj ehambisana no-Lil Baby ibambe indawo yokuqala.

Umthombo oqoshiwe: YouTube

Izihloko zakamuva