Bashaya amakhala ngezithombe ezibaziwe zikaR22m eThekwini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Inhloko yezokuXhumana kuMkhandlu weTheku uLindiwe Khuzwayo uthi umbazi wase-China owenze izithombe ezibaziwe zikaNelson Mandela no-Oliver Tambo nguyena yedwa obeshibhe kakhulu.

Lezi zithombe ezibaziwe zidle imali yabakhokhi bentela imali engu-R22 million.

UKhuzwayo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abantu abaningi bebefuna u-R22 million ngomfanekiso owodwa kuphela.

“Lo mbazi wase-China nguyena obeshibhile uma siqhathanisa nabanye abebefuna intengo efanayo ngomfanekiso owodwa kuphela.

Lesi sibalo besihlanganisa nokuthuthwa kwalezi zithombe ezibaziwe,” kusho uKhuzwayo.

Imali yokuqala ibingu-R20 million ngo-2018 ngesikhathi sivumelana, kodwa ukwehla kwamandla emali kwenze le mali yafinyelela ku-R22 million.

Lezi zithombe ezibaziwe zingamamitha ayisishiyagalolunye ukuphakama ngasinye, kodwa njengamanje zisasongiwe futhi azikavezwa.

UKhuzwayo uphinde wathi kuze kube yimanje asikho isinqumo esithathiwe ngokuthi zizobekwa kuphi.

Okuqinisekisiwe ukuthi zifike ngesonto eledlule eThekwini.

Ngo-2018, ukugunyazwa kwalezi zithombe ezibaziwe kwasusa umsindo ngemuva kwezinkulumo zokuthi uMasipala ufuna enye imali ukuze uxhase umcimbi we-ANC.

Lezo zinsolo zachithwa ngowayekhulumela i-ANC ngaleso sikhathi uZizi Kodwa kanye nezikhulu zeTheku.

Isithombe esingenhla: Izithombe ezibaziwe ezingamamitha ayisishiyagalolunye ezenziwe ngomfanekiso kaNelson Mandela kanye no-OR Tambo ezifike ngesonto eledlule eThekwini zisuka e-China

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva