Bashaya amakhala ngesinqumo sikaBroos sokuqoka abadlali

Ngaso sonke isikhathi uma umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos eqoka isikwati sakhe kuhlezi kubukeka njengokugembula, kubhala uMichael Madyira.

Kucishe kwenzeka inkinga ngoNdasa ngesikhathi elakuleli lidlala ngokulingana ngo 2-2 ekhaya libhekene ne-Liberia okungumphumela ocishe wenza lo mqeqeshi wase-Belgium ashiye umsebenzi wakhe.

Ubethethisa abagadli bakhe ngokwehluleka ukusebenzisa inqwaba yamathuba kulowo mdlalo.

Kodwa uBroos ubesekhohliwe ukuthi ukhethe abagadli abazabalaza ukuthola amagoli emaqenjini abo kanye nabangenalo ulwazi lwamazwe ngamazwe.

Lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Cameroon usephinde into efanayo.

Ufake abadlali abangenzi kahle emdlalweni ozayo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2023 lapho abazobe bebhekene khona ne-Morocco.

Umdlali oyedwa ofakwe esikwatini sakhe sokuqala sabadlali abangu-34 umgadli we-Orlando Pirates uZakhele Lepasa obolekwe kuSuperSport United.

Izibalo zikhomba ukuthi uLepasa ubelokhu ezabalaza ukushaya amagoli njengoba eshaye amagoli amathathu kuphela kwi-Premier Soccer League isizini yonke kanti ugcine ukushaya igoli ekuqaleni kukaNdasa.

Akakaze asize kunoma yimaphi amagoli  futhi akukho lutho olubonakalayo kwi-Premier Soccer League.

Ugcine ukuqala umdlalo weSuperSport mhla zizinye kuMbasa kodwa lona umdlali othenjwa uBroos, mhlawumbe njengomvuzo wokushaya elinye lamagoli eBafana ekuhambeni ngesikhathi bebhekene ne-Liberia.

Bese kuba khona umgadli weMarumo Gallants uRanga Chivaviro ongagcinanga ngokukhombisa ubuqhawe bakhe emdlalweni wasekhaya kuphela kodwa nase-Afrika.

UChivaviro ubengomunye wabadlali abajahe i-PSL Golden Boot ngamagoli ayishumi futhi nguyena ohamba phambili ngokushaya amagoli ayisikhombisa kwi-CAF Confederation Cup.

Kungenzeka uyazibuza ukuthi yini enye okumele ayenze ukuze awine inhliziyo kaBroos.

Lo mgadli weGallants wenze kangcono kunoPule Mmodi weGolden Arrows onamagoli ayisithupha eligi okuhlanganisa namabili kuphela anyakenye kodwa uzithola eseqenjini leBafana.

Ukuqoka uLepasa noMmodi kwenza kube nzima ukwamukela ukukhishwa kukaLebo Mothiba okunguye yedwa umdlali wakuleli odlala kwelinye lamaligi amakhulu e-Europe.

Ngaphandle kwezibalo uMothiba ubala isipiliyoni esishodayo kuleli qembu leBafana.

Lo mgadli (27) odlalela i-Strasbourg lokhu adlala e-France kusukela ngo-2014, waya kuma-Olympics ngo-2016 futhi waqala yonke imidlalo yeBafana kowamanqamu we-Afcon ngo-2019 e-Egypt kodwa uzithola evalelwe ngaphandle uBroos.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos

Umthombo wesithombe: Safa

Izihloko zakamuva