Bashaya amakhala  ngengoma ehlukanise unyaka kuKhozi FM 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Sekusuke umsindo emsakazweni Ukhozi FM ngengoma ehlukanise unyaka yeBig Nuz ethi Ngeke. 

Iningi labalandeli liphikisana nengoma ehlukanise unyaka njengoba libona bekufanele kuphumelele ingoma kaKO ethi “SETE”, ayicula noYoung Stunna kanye noBlxcki.

Khonamanjalo kunezinkulumo eziqhamukayo ikakhulukazi KwaZulu-Natal zokuthi ingoma i-“Aye Kuwa” kaKing Monada ayizange ibonakale ngisho ohlwini. Le ngoma eshisa izikhotha ivotelwe njengengoma ehlukanise unyaka emsakazweni i-Thobela FM ne-Phalafala FM okuyimisakazo yase-Limpopo.

Uhlelo lomsakazo Ukhozi FM lwengoma yonyaka selujwayelekile kuleli futhi abantu bahlezi bezilinde ngabomvu izingxabano ezimayelana nengoma ehamba phambili ekupheleni nasekuqaleni konyaka.

Lo msakazo wesiZulu unabalaleli abalinganiselwa ku-7 million kanti abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana babona sengathi iBig Nuz iwine ngoba kuyiqembu elidabuka eMlazi KwaZulu-Natal.

UKhutso Mamabolo ubhale ku-Twitter wathi: “Yonke imisakazo yakwa-SABC kumele idlale ingoma eyodwa uma kudedelwa ingoma yokuhlukanisa unyaka. Le yokuphumelela kweBig Nuz eKZN noKing Monada e-Limpopo kumele iphele.

“Kumele sibuyele ezikhathini zoBrenda Fassie, uDJ Sbu, iMafikizolo sibe nengoma eyodwa!”

Ngokusho kwenkundla yokusakaza umculo i-Spotify, iculo elihambe phambili lasakazwa kakhulu eMzansi lihluleizingoma ezidumile ezifana nethi “Paris” kaQ-Mark, ekaGlass Animals ethi “Heat Waves”,  ekaWanitwa Mos ethi “Dali Nguwe” kanye nengoma yeLost Frequencies ethi- Where Are You Now.”

“Abantu bakuleli bakhombise ukuthanda kakhulu ingoma kaK.O ethi ‘SETE’ kanti iyona ebihamba phambili njengoba bebaningi abantu abakhombise ukuyithanda. Abantu abasebenzisa le nkundla i-Spotify bakhombisa ngokucofoza uphawu lwenhliziyo uma beyithandile ingoma, i-albhamu noma uhlu lwezingoma ezidlalwayo,” kuchaza le nkundla yokusakaza.

Imizamo yokuthola oyisikhulu esiphezulu kwa-SABC kwi-Corporate Affairs & Marketing uGugu Ntuli ukuthi aphawule nokuthi mangaki amavoti abaculi abawatholile ayiphumelelanga.

Isithombe esingenhla: Ngesika K.O

Umthombo wesithombe: Zalebs

Izihloko zakamuva