Bashaya amakhala abakuleli ngenkulumo yesimo sezwe kaRamaphosa

Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bazwakalise ilaka labo ngemva kokulalel inkulumo kamengameli Cyril Ramaphosa echaza ngeSimo Sezwe ngoLwesine ebusuku.

Kule vidiyo engenhla, owesilisa ukhala ngokuthi akakwazanga ukubukela yonke inkulumo kamengameli njengoba indawo yangakubo ihlaselwe ugqamcishi ngemuva kokuthi uRamaphosa ememezele ukuthi ugqamcishi into engasekho.

Omunye wesifazane okulevidiyo ubhekane nesimo esifanayo, indawo yangakubo ivele yamnyama ngemva kwenkulumo.

Ngemuva kwenkulumo u-Eskom udedele isigaba sesine sikagqamcishi.

Omunye wesifazane uthi: “Minyaka yonke, bayaqhubeka nokudumaza isizwe sisonke.

Owokugcina kule vidiyo uthi uRamaphosa usalelwe iminyaka emine ezayo ukuthi afeze izethembiso zakhe kungenjalo i-ANC ngeke ivotelwe.

“Masenze isiqiniseko sokuthi eminyakeni emine ezayo [uma izithembiso zingafezeki] siyabakhipha.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Stuff

Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-Scrolla.Africa abaveze uvo lwabo ngenkulumo yesizwe.

Umthombo wevidiyo: Dylan Mohahla

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva