Bashaqekile kubulawa umnikazi wesitolo nomsizi wakhe

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Akukho obekungalungiselela imindeni emibili yase-Eastern Cape ngokubulawa ngesihluku kwabathandiweyo babo abathunjwe esitolo sabo ngempelasonto edlule.

Ngemuva kokuthungatha isonto lonke, amathambo omnikazi wesitolo sase-East London kanye nomsizi wakhe atholwe edamini eliseduze nepulazi lase-Gcinisa ngaphandle kwase-Peddie.

UZoleka Gantana (57) nomsizi wakhe uKholosa Mpunga (27) kuthiwa badutshuliwe, izidumbu zabo zacwiywa izitho ezithile base beshiswa ngaphambi kokuba balahlwe.

Laba besifazane ababili bebehlala ndawonye emzini ka-Gantana e-Ncera Village 7 lapho abenesitolo khona.

UMpunga ubedayisa esitolo sakwa-Gantana KwaMasithathu.

Ukuthungathwa kwalaba abalahlekile kuqale ngemuva kokuba umakhelwane kanye nekhasimende bebone ukuthi kukhona okushaya amanzi. Isitolo besigqekeziwe kungabonwa muntu.

Omakhelwane babone isango lishiywe livuliwe kanti esitolo bekuntshontshwe izinto ezinjengogwayi, iziphuzo ezibandayo nenyama. UGantana noMpunga bebengekho kanye neveni likaGantana.

Indodakazi kaGantana, uNobuntu ithe umndeni ekuqaleni ubucabanga ukuthi bathunjelwe imali futhi ubunethemba lokuthola ucingo oluvela kubathumbi bakhe.

“Besicabanga ukuthi mhlawumbe ube yisisulu sokuthunjwa njengoba engumuntu onebhizinisi nokuthi mhlawumbe sizothola ucingo olucela imali ukuze sibahlenge. Besingakulindele lokhu okwenzekile kubuhlungu kakhulu,” esho.

Umholi we-Eastern Cape Men’s Movement, uMfundisi Xolamzi Sam ukugxekile ukubulawa kwabantu okungenangqondo.

“Silimele kakhulu. Yinto embi kakhulu eyake yenzeka,” usho kanje.

“UGantana ubengumthuthukisi womphakathi, ubengumshumayeli endaweni futhi engusomabhizinisi.

Akuwona kuphela umndeni othintekile, kodwa nomphakathi uthintekile.

“Sekusondele inyanga kaNcwaba lapho okumele ngabe kubungazwa abantu besifazane esikhundleni sokubabulala. Siyethemba ukuthi ubulungiswa buzokwenziwa.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Tembinkosi Kinana uthe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-44 no-50 baboshwe ngoLwesihlanu ngase-Peddie ngemuva kokuthungathwa kwabesifazane abadukile.

“Abaphenyi bathole ulwazi olubaholele epulazini lapho abasolwa beboshwe khona.

 “Ngesikhathi sophenyo abaseshi bathole ukuthi bobabili abesifazane babulawe ngesibhamu. Kuthiwa izidumbu zabo zinqunyiwe, zashiswa zabe seziphonswa edamini eliseduze nepulazi elisesigodini sase-Gcinisa,” kusho uKinana.

Abasolwa abathathu bavele eNkantolo yeMantshi yase-East London ngoMsombuluko ngamacala okuthumba, ukubulala, ukutholakala nempahla eyebiwe nokubamba inkunzi.

Umndeni kaMpunga uthe usashaqekile ukuthi ungakhuluma nabezindaba. Kodwa-ke, bajabule ngokuthi abasolwa sebeboshiwe.

Esithombeni esingenhla: Umnikazi wesitolo oshonile uZoleka Gantana (57) nomsizi wakhe uKholosa Gantana (27) Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva