Bashaqekile abasebenzi bethola inhlamvu yesibhamu emnyango wehhovisi likaNgqongqoshe osempini naMadelangokubona

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Usebhekene nezinye izinsongo uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNqalasizinda KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer ngemuva kokutholakala kwenhlamvu emnyango wehhovisi lakhe.

Lesisigameko kuthiwa senzeke ngoMsombuluko ngesikhathi abasebenzi behhovisi likaMeyer befika bezithela enhlamvini yesibhamu ebibekwe emnyango.

Lokhu kwenzeka nje kuthe ngoNcwaba uMeyer wazithela phezu kwesikhwama esasigcwele izinhlamvu sibekwe eduze kwemoto yakhe ngemuva kokuba ayesabise ngokuthi uzoqeda ngaMadelangokubona aqhwaga imisebenzi kaHulumeni aphinde ahlukumeze osonkontileka.

Okhulumela uNgqongqoshe Meyer okunguMnuz Steve Bhengu uthe lolu daba lubikwe ngokushesha emaphoyiseni nakuye uNgqongqoshe.

“Ngesikhathi abasebenzi befika ngoMsombuluko bazithele phezu kwenhlamvu yesibhamu ebibekwe emnyango wehhovisi likaNgqongqoshe uMeyer. Babikele iziphathimandla ukuze zisukumele lolu daba kanye naye uNgqongqoshe njengoba ebengekho hhovisi,,” kusho uBhengu.

Uqhube wathi uNgqongqoshe uMeyer uzimisele ukulwa nenkohlakalo futhi akazukuyeka ukulwa nayo ngenxa yokusatshiswa.

Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe uMeyer usanda kuxosha umholi kaKhongolose obeyisikhulu ophikweni lokukhishwa kwamathenda okunguMnuz Musa Zondi.

Lokhu kulandela uphenyo oluthole uZondi ethinteka enkohlakalweni yokugixabezwa kwamathenda enkampanini thizeni agcine efinyelela ku-R1,1 billion kungafanele.

UZondi ubenguNobhala kaKhongolose esiFundeni General Gizenga Mpanza kwaDukuza ngaphmbi kokub angene eMnyangweni.

Izihloko zakamuva