Basenkingeni abazithola sebephakathi kwempi yokulwa nabaphuma kwawangaphandle

Everson Luhanga

Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-30 uGogo Gretta Ngqanda edayisa amaswidi, amabhande, izikhwama zemali kanye nokunye emigwaqeni yaseGoli.

Kodwa emasontweni amabili edlule ubephakathi kweqembu labathengisi ababebhekene neziqaphi ezithukuthele – futhi kuleli sonto ukudayisa kwakhe  kuvinjwe ngamaphoyisa kamasipala.

UGogo Gretta, manje oneminyaka engu-65, uthi akasasikhumbuli isikhathi lapho engowesifazane osemusha wase-Eastern Cape, ezofuna amathuba edolobheni eliphethe igolide.

Kodwa emasontweni amabili edlule, ugogo uGretta kanye nabanye abadayisi abaningi basemgwaqeni babhekane neqembu elithukuthele elizibiza nge-Operation Dudula.

Iqembu labaqaphi liqhubekile ladiliza lashisa izitobhi zabathengisi ababasola ngokuthi baqhamuka kwamanye amazwe ngokungemthetho.

Leli qembu liphinde laxosha osomabhizinisi abangebona abaseNingizimu Afrika lahambisa okhiye bezitolo kwabanye abantu bakuleli.

UGogo Gretta ubengomunye wabantu abathole izikhiye.

“Basinike okhiye, bathwebula nathi izithombe  bathatha namavidiyo  base behamba,” kusho uGretta.

Uthe ngemuva kwezinsuku ezimbili umnikazi wangempela wesitolo obesiqashisele umuntu wangaphandle, ufike ephethe izikhiye zakhe, wamxosha, washintsha izingidi, wakhiya nezicabha.

Uthe kudingeke ukuthi abuyele emgwaqeni aqale kabusha ukusebenza endaweni asesebenze kuyona iminyaka.

“ENingizimu Afrika manje sibhekene nalolu daba,” kusho uGogo.

UThabiso Mnisi, naye uzithole esengaphandle ngenxa yaloludaba ngokulalela iDudula, njengoba esenkingeni nje manje nebhizinisi lakhe.

“Engikufunayo ukuhwebelana nginakekele umndeni wami. Angikwazi ukudla ipolitiki,” kusho uThabiso.

Kulandela ukuvakasha komholi we-EFF uJulius Malema ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wezabaSebenzi uThulas Nxesi ujoyine ithimba labahloli e-Sea Point, eKapa, ngoLwesibili. Uzwakalise ukukhathazeka ngemikhuba yokuqasha ngokungemthetho, okuhlanganisa nokuqashwa kwabasebenzi bakwamanye amazwe ngabakuleli ngokungemthetho.

IMeya yaseGoli uMpho Phalatse uthe uyakugxeka kakhulu ukuziphatha kwabantu abahola lenhlangano i-Operation Dudula.

“Kumele kuqondwe ukuthi lokhu okwenziwa i-Operation Dudula    akusiyo into esemthethweni futhi lokhu akugunyaziwe kulelidolobha,” kusho uMpho.

Uthe nakuba idolobha likuqonda ukuthi ezinye izakhamuzi zingase zibe nokukhungatheka mayelana nezimo zomnotho ezikhona, lokhu akugunyazi ukuthi noma ngubani azibambele umthetho ngezandla.

“Udaba labantu bokufika luqondene nohulumeni kazwelonke noMnyango wezaseKhaya.

Sicela uNgqongqoshe u-Aaron Motsoaledi enze ngokusemandleni ehhovisi lakhe ukuze isimo silawuleke,” kusho uMpho.

Imeya uPhalatse ithe idolobha selitshale amaphoyisa kaMasipala angu-1,800 kulo lonke idolobha ukunqanda ukuphulwa komthetho.

Okhulumela uMnyango wamaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) uXolani Fihla ukuqinisekisile ukuthi bakhiphe izaziso ezixwayisa abadayisi abahweba ezindaweni ababekelwe imingcele ukuthi baphume.

“Kwathathwa isinqumo sokuthi kube ngokusemthethweni ukuhwebelana erenki yamatekisi, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho uzokhipha izimvume zokuhweba ngokusemthethweni ekupheleni kukaNhlolanja noNdasa ngonyaka ka-2022,” kusho uFihla.

Izihloko zakamuva