Dalphine Tagwireyi
Bangaphezu kuka-170 abafundi besikole samabanga aphansi i-Hluvukani esigodini sase-Xanthia ngase-Bushbuckridge abangakwazi ukufunda ngemuva kokuthi amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu eshise isikole.
Umphakathi obudinwe ugane unwabu usulinde iminyaka eyishumi ukuthi kwakhiwe kabusha isikole sawo kanti ezintatha zangoMsombuluko uphelelwe isineke washisa isikole sesikhashana.
Sekuphele iminyaka eyishumi abafundi besebenzisa amagumbi okufundela esikhashana kodwa manje abasalanga nalutho baphoqelekale basebenzise esinye esikoleni samabanga aphansi esiqhele ngamakhilomitha.
USihlalo wesigungu esilawula isikole (SGB) uMurray Mashego uthe uthole ucingo ngezithuba zehora lokuqala lumazisa ukuthi isikole siyasha.
“Sifonele abezicishamlilo, kodwa umonakalo ubusudalekile njengoba kushe amagumbi esikhashana nehhovisi lezitini elabasebenzi kanye nezimpahla zokubhala nefenisha,” kusho uMashego.
UMashego uthe ukushiswa kwesikole akuxazululi izinkinga futhi kwenza isimo sibe sibi kakhulu.
“Izingane zethu zizophuthelwa amasonto esikole okuyinto ephazamisa inqubekela phambili yazo ekufundeni.”
Amalungu omphakathi azwakalise ukuphoxeka kwawo ngokubambezeleka komnyango futhi sebeze bafaka izingane zabo kwesinye isikole samabanga aphansi e-Nkulungwana esiqhele ngamakhilomitha ayisithupha.
Umzali uMabutho Magwaza uthe izinto zokuhamba ziyinkinga uma lina nezingane ziphuthe esikoleni njengoba zingakwazi ukuhamba emvuleni ibanga elide kangaka.
“Sinesikole esiphambi kwethu esingenayo ingqalasizinda. Njengoba kushiswe amakilasi kungenzeka singabe sisakwazi ukuthola isikole sethu,” kusho uMagwaza.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Mpumalanga uJasper Zwane uthe umnyango unenkinga yokuahodelwa izinsiza.
“Lokhu kuyawukhathaza kakhulu umnyango futhi kuzoba nzima kakhulu ukushintshwa kwamagumbi okufundela ashile ngesikhathi kusabhekwa isixazululo,” kusho uZwane.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Mpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe kuvulwe icala lokushisa futhi benza konke okusemandleni ukubamba abasolwa.