Lubhalwe nguKarabo Rammutla
U-DJ Sumbody obengomunye wezihlabani zomculo wama-piano udutshulwe wabulawa ezintatha ngeSonto.
Lo mculi we-“Ayepyep” ogamalakhe langempela u-Oupa Sefoka kuthiwa ubese-Woodmead eGoli ngesikhathi yena nomunye abehamba naye bebulawa.
Umgibeli wesithathu naye ulimale kabi kulokhu kuhlasela ube esephuthunyiswa esikhungweni sezempilo esiseduze.
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel Mavela Masondo akazange ayiqinisekise eyokushona kukaSefoka, kodwa uthe amaphoyisa athungatha abasolwa futhi aphenya nezimo eziholele ekudutshulweni kwabantu e-Woodmead.
I-Sumsounds Music iyona eqinisekise izindaba zokushona kwakhe, kodwa akukadalulwa lutho ngalabo abehamba nabo.
UColonel Masondo uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngesigameko sokudubula ekhoneni lomgwaqo oku-Woodmead no-Woodland cishe ngezithuba zabo-00.30 ekuseni ngeSonto.
“Amaphoyisa afice abantu ababili abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Golf benamanxeba okudutshulwa. Zombili izisulu umshayeli kanye nomgibeli kuthiwa bashonele endaweni yesigameko.
Kubikwa ukuthi isisulu sesithathu ebesihamba nge-BMW X5 siphuthunyiswe esibhedlela esiseduze kanti kubikwa ukuthi sithola ukwelashwa ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa.”
Abalandeli baDJ Sumbody nabanye abaculi bangene ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukudabuka nokushaqeka kwabo ngesigameko.
“Lokhu kuyashaqisa kakhulu futhi kuyathusa,” kubhala umngane wakhe ongumculi uLady Zamar.
“UDj Sumbody ubebakhathalela abantu ubengayena umuntu obamba amagqubu futhi ubethanda kakhulu amancoko. Ubengumuntu othanda ukushintsha izinto kwezokuzijabulisa nasezimpilweni zabantu abaningi.”
USefoka bekumele aphathe umcimbi obizwa nge-All White Veuve Picnic e-Menlyn Maine ngeSonto.
Osesithombeni esingenhla nguDJ Sumbody, Oupa Sefoka
Umthombo wesithombe: @Khanyi_Magubane