Lubhalwe nguRazeen Gutta
Iqembu labesifazane lekhilikithi lase-Afghanistan elidingiselwe e-Australia, lisaphupha ngokudlala lo mdlalo nakuba imithetho ezweni labo ibavimbela ezintweni eziningi.
Ngesikhathi ama-Taliban ethatha izintambo ezweni lawo ngoNcwaba ngo-2021, iqembu lamantombazane kwadingeka libalekele e-Australia kungakapheli unyaka linikezwe izinkontileka i-Afghanistan Cricket Board (ACB).
I-Taliban ivimbele abesifazane ukuthi badlale ezemidlalo, baye ezikhungweni zemfundo ephakeme nasemapaki omphakathi kanti umqaphi uNahida Sapan ukhulume ngalokho abhekane nakho.
“Sithole izinsongo eziqinile ezazithi “sizonithola futhi uma sinithola, ngeke siphinde sinidedele niphile. Uma sithola oyedwa wenu sizonithola nonke,” etshela i-BBC.
“Ngashaywa uvalo, izandla ngazizwa ziqhaqhazela lokhu kungihlukumezile kakhulu. Njalo nje uma ngizwa kungqongqoza umuntu emnyango ngivele ngicabange ukuthi sebesitholile futhi bazosibulala.”
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ungomunye wamalungu eqembu angaphezu kuka-20 ahlala e-Australia, abadlali abaningi bathi inhlangano eyengamele ikhilikithi emhlabeni wonke, i-ICC ayizange ixhumane nabo.
“Angifuni ukuthi i-ICC isikhohlwe noma ikhohlwe amantombazane ase-Afghanistan asenethemba lokudlala ikhilikithi. Maningi amantombazane e-Afghanistan aphupha ngokuba ngabadlali bekhilikithi,” kusho uSapan.
Okhulumela i-ICC utshele i-BBC ukuthi “basazibophezele ekwesekeni i-Afghanistan Cricket Board futhi abayijezisi i-ACB noma abadlali bayo ngokuthobela imithetho ebekwe uhulumeni wezwe labo.”
“I-ICC izoqhubeka nokusebenzisa ngendlela eyakhayo ukusiza i-ACB ekuthuthukiseni ikhilikithi kanye namathuba okudlala kwabesilisa nabesifazane e-Afghanistan.”
Isithombe esingenhla: Iqembu lekhilikithi labesifazane base-Afghanistan ngemuva kokunikezwa izinkontileka ngo-2020
Umthombo wesithombe: @espncricinfo