Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamizi zasemijondolo yase-Never Never e-Philippi zisale dengwane – futhi zivutha bhe – ngemuva kokuthi kuqubuke umlilo ocekele phansi imijondolo yabo ngoLwesithathu ntambama. Basola ukucishwa kukagesi ngokucekela phansi imijondolo engu-130 kwashiya abantu abangu-333 bengenalo uphahla emakhanda abo.
Sengathi ubuhlungu nokucekeleka phansi kwempahla akwanele, ezinye izakhamizi zasemjondolo zintshontshelwe izimpahla ebebengazihlenga ngezinye izakhamizi.
NgoLwesine ekuseni abantu bebevundulula imfucumfucu eshunqayo ngethemba elincane lokuthola into engacekeleki phansi. Abanye baqale ukwakha kabusha amakhaya abo, nakuba umlilo ungazange ucishwe ngokuphelele.
UNomawethu Sawutana oyilungu lekomiti lomgwaqo ulandise ngokwenzekile. Akuphelanga sikhathi esingakanani ngemuva kokunqanyulwa kukagesi okuthatha amahora amabili kuqalile ngehora lesine ntambama ngesikhathi ebona ifu lentuthu emnyama likhuphuka phezu kwe-Never Never.
“Ngesikhathi ugesi ubuya nje umlilo uye waqala komunye wemijondolo,” esho. Kubonakale sengathi kunephutha likagesi eliqale umlilo kwathungeleka umjondolo. Umlilo uye wabhebhetheka ngokushesha e-Never Never.
“Ukucishwa kukagesi kuzoba ukuphela kwethu. Sesilahlekelwe kakhulu kangangokuthi asinayo imali yokuthenga okusilahlekele ngesikhathi kusha,” kusho uSawutana etshela i-Scrolla.Africa.
Esinye isakhamuzi sithi umlilo uqalwe umuntu oshiye isitofu sivutha. “Abantu bangase bathi
ukucishwa kukagesi kodwa ngesinye isikhathi kufanele siziphendulele ngezenzo zethu.
“Kungani le ntokazi ishiye isitofu sivutha kodwa sibe sishumayela nsuku zonke ngokubaluleka kokukhipha izintambo zikagesi ngesikhathi kunokucishwa kukagesi?”
USawutana uthe owesifazane nesoka lakhe bangene emjondolo wabo oshayo bakwazi ukukhipha umshini wabo wokuwasha nomabonakude.
Kodwa ngesikhathi bebuyela emjondolo wabo beyozama ukuhlenga ezinye izimpahla abanye abebebukele bantshontshe izinto zabo.
“Ngithukuthele [ngalokho],” kusho uSawutana.
Esinye isakhamuzi uMnu Sivuyile Mbana (45) uthole izindaba zokusha esemsebenzini. “Kudingeke ukuthi ngiphuthume ekhaya ngethemba lokuthi ngizokwazi ukuhlenga izimpahla zami,” esho.
Kodwa, ngeshwa akakwazanga ukuhlenga lutho futhi umjondolo wakhe ubusucekelwe phansi umlilo.
“Bengisanda kuthengela izingane zami umfaniswano wesikole manje ushile kanjalo nje. Ngiyakuzonda ukucishwa kukagesi futhi ngifisa abathintekayo babone ukuthi kuyimosha kanjani empilo yethu.”
Okhulumela abakwa-Fire and Rescue Services kuleli dolobha uVennessa Scholtz uthe abekho abalimele ababikiwe.
Okhulumela i-Disaster Risk Management uCharlotte Powell uthe basematasa nokuhlola ukuze bathole ukuthi yini edale umlilo.
Esithombeni esingenhla: Imijondolo yase-Never Never ecekelwe phansi umlilo
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze