Lubhalwe nguNothando Makhubela
Isiphepho esinamandla sibhidlize izindlu ezingu-110 e-Hazyview eMpumalanga ngoMgqibelo ekuseni.
Kudilike namakhaya abantu abangenabani, izikole ezintathu, umtholampilo wendawo kanye nendlu yezivakashi.
Zisale dengwane izakhamuzi ezihlala eMahushu, naseMkhuhlu kanye nezaku-Ward 3,6,9,26 no 39 ngenxa yezulu ebeliduma kakhulu.
Kuthiwa izingane ezintathu ezilimalile ziphuthunyiswe esibhedlela i-Matikwane Hospital.
ULucky Ngomane okhulumela uMasipala waseHlanzeni utshele abezindaba i-Scrolla.Africa ukuthi izakhamuzi ezipheshukelwe izindlu sezinikwe amatende okufihla ikhanda.
“Kumonakalo wengqalasizinda kubalwa izikole zamabanga aphezulu ezintathu, iNkuzi High, iSiphumelele Secondary, neLusanda High School kanye nezindlu ezingu-110 okubalwa kuzo uMtholampilo iMajika Clinic ose-Hazyview. Kuyaqhubeka ukusatshalaliswa kwezinto ezingaba usizo njengezingubo zokulala kanye noseyili kube kusalungiswa ugesi,” kusho uNgomane.
Uthe uMasipala uzovakasha e-Hazyview ngeSonto, uyosiza izakhamuzi ezithintekile.
“ Ithimba lizohlanganela esiteshini sebhasi eMahushu eduze kwase-Midway [NgeSonto] futhi lizobe lihamba neminyango yemikhakha ehlukahlukene ukuze kuzohlolisiswa isimo kuphinde kunikezelwe ngezinto ezizosiza izakhamuzi”
“Sixwayisa imiphakathi ukuthi isuke ezindaweni ezinezikhukhula futhi ikugweme ukuwela imifula egcwele ngalesi sikhathi sezimvula”
Isakhamuzi saseMkhuhlu esicele ukungadalulwa igama sithe: “le mvula ibisabisa kakhulu. Bese ngisabela impilo yezingane zami. Uphahla lwethu lumukile. Yonke into ihambe nezikhukhula. Angazi ukuthi sizodlula kanjani kulesi simo kodwa sibonga ukuthi sisaphila.
“Yize noma silahlekelwe iyona yonke into, esikujabulelayo nje ukuthi sisaphila. Izingane zami zisenakho ukwesaba ngoba beziqala ukubona into enjena—sicishe safa sonke.”
Okusesithombeni esingenhla: Izindlu ezidilikile eMpumalanga
Umthombo wesithombe: @UMasipala waseHlanzeni