Basale dengwane kusha imizi engu-50 empini yezigodi

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Impi eshubile ebilokhu iqhubeka phakathi kwezigodi ezingomakhelwane zase-Eastern Cape e-Bhuje naseMajola iqubule isiphithiphithi ngesikhathi kushiswa imizi ebalelwa kwengu-50 ngeSonto.

Kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa kulesi sibhicongo okuyikhehla elitholwe indodakazi yalo encane.

Impi phakathi kwezakhamizi zalezi zigodi ezimbili isiqhubeke isikhathi eside, kanti abantu abaningi abazi nokuthi yaqala nini.

Konke ukuhlasela okusha kudala impindiselo ezinyangeni ezimbalwa kamuva futhi ukungezwani kuyaqhubeka.

Isigameko sokugcina sodlame esiqhubekayo kule ndawo ngesangomhlaka-19 kuMandulo nyakenye.

Kodwa izakhamizi eziningi zakufunda ngo-2021 ukugwema izingozi zokuxabana, njengoba abaningi bephunyuke emalangabini ngoba bese bevele bebalekele ehlathini ebusuku.

“Ngesikhathi impi ifika kithina ngalowo nyaka sabona imizi yabantu emithathu isha ingqongqa ngosuku olulodwa thina salala ehlathini ngaphansi kwesihlahla nezinye izihlobo zomndeni,”  kusho isakhamuzi uNofikile Mteti.

UMteti (42) ukhulume ne-Scrolla.Africa wakhumbula amazwi okugcina kamyeni wakhe ngesikhathi kufika izinkabi  ezimdubule washona esigamekweni sokuhlaselwa ngeSonto ekuseni.

“Wadutshulwa ngezansi nje kwesibaya sethu. Kwaqala kwaqhuma isibhamu kathathu saphinde saqhuma kahlanu kamuva. Into yokugcina engiyizwile ezwini lakhe kwakuwukucela usizo.”

“Ngesikhathi ngiyobheka ngathola isidumbu sakhe silele sibheke phansi futhi kubonakala ukuthi udutshulwe ngemuva. Indodakazi yami (11) yamthola kuqala yathi ‘Mama buka ubaba,’ esho,”

Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko sokudutshulwa kwekhehla esigodini sase-Tyeni.

Amaphoyisa aye ezindaweni ezithintekile ukuyoqinisa ezokuphepha, ngokusho kokhulumela abakwa-SAPS e-Eastern Cape uBrigadier Tembinkosi Kinana.

“Sixoxisane nobuholi bendawo ukuthi bufinyelele kweminye iminyango eyahlukene ukuze isize ngendawo yokuhlala nokudla,” kusho uKinana.

UKinana uqhube wathi basagcwele amathafa abasolwa mayelana nezigameko zokushiswa kwempahla kanye nabahlobene nokubulawa kowesilisa.

Kuvulwe icala lokushisa, elokubulala kanye nelokulimaza impahla ukuze kuphenywe.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi ezibuthane ngenkathi izindlu zisha

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva