Basale dengwane kuqubuka umlilo emijondolo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Bangaphezu kuka-150 abantu abasale dengwane ngemuva kokuqubuka komlilo emijondolo yase-Overcome Heights ngase-Lavender Hill, eKapa.

Bekuyizithuba zehora lesibili ntambama ngoMsombuluko ngesikhathi uYolanda Prince (45), owesifazane okhubazekile ohamba ngesihlalo esinamasondo ezwa abantu bekhala.

“Bengilele ngingedwa. Umngani wami uze egijima ebiza igama lami, ethi kunomlilo. Uye wangisiza ukuthi ngiphume emjondolo ungakashi,” kusho uYolanda.

Uzwe kuthiwa kusolwa owesilisa (40) ongubaba wezingane ezintathu ngokuqubuka kwalo mlilo njengoba kusolakala ukuthi ushise upulasitiki ofakwa kumakhebuli kagesi ukuze akhiphe ucingo lwethusi.

“Angiqondi ukuthi kungani besola lo mlisa ngoba ubengekho nalapha ngesikhathi kuqubuka umlilo, esikhundleni sokuthi sisolane sidinga isixazululo sale nkinga,” kusho uYolanda ongenayo imali yokwakha kabusha umjondolo wakhe.

“Ngithembele emalini yesibonelelo sokukhubazeka futhi ayenele ukwakha kabusha umjondolo. Angikwazi ukuhlala nabanye abantu ngoba kufanele ngisebenzise indlu yami yokugezela njengoba ngingenwa izifo kalula.”

Umsolwa ushaqekile ukuzwa ukuthi kusolwa yena ngalo mlilo.

“Bengisenxanxatheleni yezitolo ngiyolanda u-R350 wami wesibonelelo sikahulumeni ngesikhathi kuqala umlilo futhi angikaze ngishise lutho ngaphakathi egcekeni noma emjondolo wami, ngihlezi ngishisa izinto ngaphandle. Kuyangixaka ukuthi sebeyangixosha manje,” kusho yena. 

Isakhamuzi esingathandanga kudalulwe igama laso sithe: “Umngani wakhe nguyena obhule umlilo. Ngempela ubengekho kodwa kumele sisole bani ngoba ngabangani bakhe, futhi kuyacaca ukuthi bajwayele ukushisa amakhebula ethusi nokuyinto eyingozi kakhulu njengoba engase ibangele umlilo njengoba kwenzekile manje.”

Ngo-2016, abantu abangu-300 basala dengwane e-Overcome Heights ngesikhathi umlilo uqubuka ngokushiswa kwezintambo zethusi kwacekeleka phansi imijondolo engu-45.

U-Ali Sablay, oyimenenja yenhlangano esiza abantulayo i-Gift of the Givers e-Western Cape, uthe kuyimanje amathimba abo amatasatasa nokuhlola le ndawo.

“Sizobe sisiza imindeni ethintekile ngokudla okushisayo, izingubo zokulala, izinto zokugeza, izikhwama zezingane kanye nomatilasi,” esho.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zase-Overcome Heights zisale dengwane ngemuva kokuqubuka komlilo ngoMsombuluko ntambama.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva