Basale dengwane kuhlasela izikhukhula

Everson Luhanga

Babalelwa ku-200 abantu abasale dengwane ngemuva kokuhlasela kwezikhukhula ezinamandla  emijondolo yase-Ivory Park, ngase-Tembisa.

Iyisikhombisa imijondolo egugulekile, kwaphinde kwatholakala nesidumbu esisodwa emfucuzweni.

Abantu bakule ndawo bathi umufi, ongakahlonzwa ubengahlali kulendawo. Bakholwa ukuthi umuke kwenye indawo njengoba isidumbu sakhe sitholwe e-Ivory Park.

Kubonakale kumuka nezimpahla kuma-video abashuthwa umphakathi.

Umhlali uJoseph Monene,  umjondolo wakhe ocekeleke phansi kanye nempahla yonke yasendlini uthe ngemuva kwemizuzu engu-30 imvula iqalile, ubone ngegagasi lamanzi liqhamuka emfuleni odume kabi i-Jukskei.

Ngesikhathi eqaphela ukuthi izikhukhula seziseduze, indoda ebikhathazekile ithathe izingane zayo yaziyisa emzini wesihlobo sayo, njengoba beyinovalo lokuthi zizoguguleka nomjondolo.

“Ngemuva kwalokho amanzi ebegcwele yonke indawo emjondolo wami kanti wonke umuntu ubese semnyango,” usho kanje.

Uthe ubebukela kungekho akwazi ukukwenza.

“Siyajabula ukuthi akekho oshonile endaweni yethu. Isidumbu esitholwe lapha sikholwa ukuthi siqhamuke namanzi kwenye indawo,” esho.

IMeya kamasipala waseGoli uMpho Phalatse neLungu leKomidi loMkhandlu oPhikweni lwezokuPhepha koMphakathi uDavid Tembe bavakashele le ndawo nenhlangano esiza ezinhlekeleleni i-Gift of the Givers ngoMgqibelo ngenhloso yokuyohlola umonakalo.

UPhalatse uthe angeke kusahlala muntu kule ndawo, ngakho uhulumeni kumele ahlele ukuthi ubasiza kanjani abantu abathikamezekile.

“Abantu abaningi bafuna izindawo zokwakha izindlu. Abaceli izindlu zomxhaso ngoba bayazi ukuthi uhulumeni ngeke abe nemali eyanele yokubakhela izindlu,” usho kanje.

IMeya ikhulume nezisulu zezikhukhula ngemuva kwesigameko. Umphakathi utshele umhlonishwa ukuthu uthuthele ngase mfuleni ngenxa yokuthi awunayo indawo nemali yokukhokhela amarenti.

UPhalatse uthe umasipala uzothumela ithimba ukuthi liyohlola futhi libheke ukuthi lingabasiza kanjani abantu abathintekile.

Kodwa ngesikhathi besalinde usizo, abahlali abangasemfuleni i-Jukskei abanandawo abangaya kuyo futhi akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokuthi baqale umsebenzi wokwakha kabusha imijondolo yabo.

Scrolla World Cup Quiz