Basale dengwane emva kokuba umlisa eshiye isitofu sivutha

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Akukho noyedwa okwaze ukusindisa impahla yakhe ngenkathi abantu ababalelwa ku-400 besala dengwane emva kokuqubuka komlilo emijondolo yaseMangaung, eLower Crossroads, eKapa.

Umlilo uqale ngeSonto ekuseni ngemuva kokuthi owesilisa obedle amandla amponjwana kuthiwa ushiye isitofu singacishiwe ekade epheka inyama.

UNandipha Nqotolo (40), oyisakhamuzi uthi ubelele ngesikhathi ezwa abantu bememeza, ukube omakhelwane bakhe abamvusanga ngabe ushonile.

“Bekungathi ngiyaphupha, kusize umakhelwane wami okhahlele isicabha somjondolo wami,” kusho uNandipha. “Ubememeza ebiza igama lami ngavuka ngabaleka angikwazanga ukuthatha lutho ngoba umlilo ubususabale kakhulu kumjondolo wami.”

“Ngibonga umakhelwane wami ngoba bengilele ubuthongo ngingezwa lutho,” kusho uNandipha.

“Ngifisa sengathi abantu abathanda inyama uma bephuzile bangaqala bapheke ngaphambi kokuthi baqale ukuphuza.”

Esinye isakhamuzi sithe lo wesilisa oshiye isitofu singacishiwe ubalekile.

“Sihlezi sinxusa abantu ukuthi bangalokothi bapheke uma bephuzile. Besisuke sizama ukugwema izimo ezifana nalezi manje sesilahlekelwe yikho konke,” kusho isakhamuzi ebesithukuthele sigane unwabu.

Okhulumela abezicishamlilo nokuhlenga edolobheni, uJermaine Carelse uthe abezimo eziphuthumayo babikelwe ngezithuba zabo-02:45 ekuseni ukuthi kusha imijondolo ePhilippi East.

“Zingu-13 izimoto ebezisendaweni yesigameko nabezicishamlilo abangaphezu kuka-40 abebebhula umlilo osabalaliswa umoya onamandla kakhulu,” kusho uCarelse.

“Cishe umlilo ucekele phansi imijondolo engaphezu kuka-100 abantu abangu-400 basala dengwane. Imbangela yomlilo ayikaziwa kanti abomthetho batshalwe ukulawulwa umphakathi.”

Uthe izicishamlilo zikwaze ikucisha umlilo cishe ngo-08:40 ekuseni. Akekho olimalile noma oshonile obikiwe.

Esithombeni esingenhla: Umlilo oshiye izakhamuzi zisele dengwane ngemuva kokuthi owesilisa obephuzile kuthiwa ishiye isitofu sivutha ngesikhathi epheka inyama.

Umthombo wesithombe: Idolobha laseKapa

Izihloko zakamuva