Dylan Bettencourt
Amagatsha amaningi asePosini akuleli abengakabakhokheli abahlomula izibonelelo zikahulumeni kule nyanga.
Ngokusho kwenhlangano yomphakathi i-Black Sash amanye amagatsha awakwazanga ukukhipha imali ngenxa yezinkinga ze-internet, ukushoda kwemali kanye nezokuphepha.
Abakwa-Black Sash bathi akusona isizathu esingasetshenziswa ngoba ukuthola imali yesibonelelo sikahulumeni ePosini kuyinto eqinisekiswe ngokusemthethweni.
“Izindawo ezingayikhiphanga imali yesibonelelo sikahulumeni kubalwa i-Standerton e-Mpumalanga, i-Kariega e-Eastern Cape, uMgungundlovu e-Howick kanye naseManzimtoti KwaZulu-Natal,” ngokubika kwe-Black Sash.
Abantu abangayitholanga imali emagatsheni abo kuphoqeleke ukuthi bagibele baye kwezinye izindawo ukuyohola khona.
I-South African Social Security Agency (Sassa) ithe cishe u-5% wabantu abathintekile ngenxa yokubambezeleka.
Okhulumela abakwa-Sassa uMnu Paseka Letsatsi uthe uyakwazi ukuthola imali yakho kwelinye igatsha uma ungakwazanga ukuyithola lapho ojwayele ukuyithola khona.
“Abantu bangakwazi ukuthola imali yabo uma sebethanda bona ukuyikhipha ,” etshela i-GroundUp.
ULetsatsi uthe abantu abangu-7 million abahola isibonelelo sikahulumeni babalelwa ku-500 000 abahola emaPosini.
Okhulumela amaPosi uJohan Kruger ukuqinisekisile ukuthi igatsha eliseManzimtoti belivaliwe ngenxa yezokuphepha kodwa selivuliwe.
“Angaphezu kuka-1 200 amaPosi akhona ngakho-ke izinkinga zihlale ziqhamuka njalo nje,” kusho uKruger.
“Ihhovisi lePosi linohlelo lukazwelonke olubheka amazinga ezinsiza futhi oluthatha izinyathelo zokulungisa izinto uma kuba nezinkinga.”
AmaPosi amaningi aphinde amemezela ngenyanga edlule ukuthi angeke isakhishwa ibona imali yesibonelelo sikahulumeni i-Social Relief of Distress (SRD) ngenhloso yokunciphisa olayini emagatsheni abo.
Umthombo wesithombe: @GroundUp