Basale dengwane abafundi osomatekisi bevalela omalume imizila

Celani Sikhakhane

Impi phakathi kwenhlangano yamatekisi nabashayeli bezimoto ezithutha abafundi eMnambithi, eKZN, ishiye abazali besabela ukuphepha kwezingane zabo.

Kuthiwa ngoMasingana iNhlangano yaMatekisi i-Klipriver iye yaphoqa abashayeli bezimoto ezithutha abafundi, omalume njengoba bedume kanjalo, ukuthi bayeke ukusebenzisa eminye imizila.

Omunye wabazali uthe izingane zasendaweni yase-Steadville zikhishwe emotweni ebezihambisa esikoleni zaphoqwa ukuthi zingene etekisini.

“Izingane zethu zihlukumezekile ngenxa yokuthi abanikazi bamatekisi abebehlome ngocelemba nezibhamu bavale imigwaqo bezama ukuvimba izimoto ezithutha abafundi. Babe sebekhipha izingane zethu emotweni bethi oMalume kumele bathuthe izingane ezifunda enkulisa kuphela,” kusho umzali.

Izingane zesikole samabanga aphansi namabanga aphezulu zitshelwe ukuthi sezindala kakhulu ukuthi zingasebenzisa izimoto zomalume futhi kumele zisebenzise amatekisi njengabantu abadala.

Omunye umzali uthe bayesaba ngoba abashayeli bamatekisi abanandaba nabagibeli babo okusho ukuthi izingane zabo ngeke ziphephe uma zihanjiswa yibo esikoleni.

Le mpi ise-Steadville, e-Roosbom, eZakheni nakwezinye izindawo eMnambithi.

Ngo-2017 kwabulawa othisha ababeya emsebenzini eMnambithi ngesikhathi kulwa i-Klipriver nabenhlangano yamatekisi iSizwe.

Ikhansela uMnu Nathi Mthethwa uthe bafuna ukuhlangana nazo zombili izinhlangothi njengamalungu omphakathi ukuze kudingidwe lolu daba ngoba bayesaba ukuthi lungase luholele ekutheni kushone izingane ezincane njengoba imboni yamatekisi eMnambithi yaziwa ngokuchitheka kwegazi.

UMkhulu Masondo weNhlangano yaMatekisi i-Klipriver utshele i-Scrolla.Africa ukuthi oMalume babulala ibhizinisi labo.

“Bathutha izingane bengenazo izimvume, abanye basebenzisa izimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni babize uhhafu wemali kanti lokho kubulala ibhizinisi lethu. Asisiqondi isikhalo sabazali sokuthi angeke bavumele izingane zabo ukuthi zihanjiswe yithi esikoleni ngoba thina asinandaba nabagibeli. Amanga aluhlaza lawo,” kusho uMasondo.

UMnu Muzi Mahlambi woMnyango wezeMfundo uthe abahlanganise lutho nalolu daba wathi luthinta uMnyango wezokuThutha.

Izihloko zakamuva