Baphume inqina abantu bendawo bevikela amabhizinisi abo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamuzi zaseDuduza, Kwa-Thema naseTsakani, EKurhuleni, zigcwale imigwaqo zivikela izitolo eziphethwe abavela emazweni angaphandle njengoba kunombhikisho wokuvala izwe kuleli namuhla.

NgeSonto ntambama bahlangane nosomabhizinisi bakulendawo ukuze bahlele indlela yokugwema ukutatshwa ezitolo nokucekelwa phansi kwamabhizinisi.

Leli qembu lihlangene ezintatha ngoMsombuluko nabanikazi bezitolo abavela emazweni angaphandle ukuze baqaphebaphinde bakhuculule imigwaqo besusa imfucumfucu, amathayi avuthayo namatshe ebekuvalwe ngawo imigwaqo.

Njengoba bebegade ezindaweni ezahlukene, abesilisa nabesifazane abagqoke amajakhethi akhanyayo futhi behlome ngomakalekhukhwini nezimvubu babonakala beqaphe izitolo zabantu abavela emazweni angaphandle.

Ababhikishi bashise itekisi Kwa-Thema, kodwa ngemuva kokungenelela kwamalungu omphakathi isixuku sivele sahlakazeka.

Ilungu lomphakathi uLizwe Matseoyane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bafunde isifundo emibhikishweni edlule yokuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nezibhelu zikazwelonke ngo-2021 lapho amabhizinisi endawo nengqalasizinda acekelwa phansi.

“Amanye amabhizinisi awakalulami kuze kube imanje, asinawo amarobhothi endaweni ngenxa yemibhikisho ephume esandleni.

“Kumanje siphoqeleka ukuthi sishayele siye ezindaweni ezingomakhelwane ukuze sithole esikudingayo.

Asikwazanga ukuma sibukele, siyahlomula ngalezi zitolo ezimbalwa ezisale ngemuva kwemibhikisho futhi siyenqaba ukuthi kwenzeke omunye umonakalo,” engeza.

Esinye isakhamuzi, uMaria Masango uthe abamelene nalabo ababhikishayo ngoba abasoze babukela phansi amalungelo abo.

“Esikudingayo kubona ukuthi belandele umthetho bangabeki ukuphepha kwabanye engcupheni.

“Sithole ulwazi lokuthi kuneqeqebana labantu abebehlela ukuntshontsha ngenxa yezizathu zabo zobugebengu ngakho asikwazanga ukukuvumela lokho endaweni yethu,” engeza.

Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema, uSayitsheni Nkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi akekho osaboshiwe kodwa amaphoyisa namalungu e-EPMD aphumile azoqapha isimo.

“Sinxusa labo ababhikishayo ukuthi bangazithatheli umthetho ngezandla noma bacekele phansi ingqalasizinda,” engeza.

Isithombe esingenhla: Izakhamuzi ezigada izitolo zabantu bakwamanye amazwe

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva