Baphoswe kowamabhubesi abeBanyana koweNdebe yoMhlaba

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Abadlali bebhola besifazane bakuleli bazobhekana nomsebenzi onzima njengoba bezotholana phezulu ne-Argentina, Italy ne-Sweden ku-Group G ku-Fifa Women’s World Cup ngasekupheleni kwale nyanga.

Njengamanje ezikaDesiree Ellis zihleli endaweni ka-54 emhlabeni futhi zingena eqoqweni lazo njengezingaconsi phansi.

Izimbangi zabo zonke zihleli phezulu kunabo njengoba i-Sweden ihleli endaweni yesithathu. Iqembu likaPeter Gerhardsson lafinyelela kowandulela owamanqamu eNdebe yoMhlaba ngo-2019 kanye ne-Euro 2022 futhi lizobe linethemba lokuphinda lokho e-Australia nase-New Zealand kulo nyaka.

Abesifazane base-Italy bahlungelwe imidlalo yeNdebe yoMhlaba emibili elandelanayo okokuqala ngqa emlandweni wabo. Njengeqembu bahleli endaweni ka-16 emhlabeni futhi bazoba isithiyo esikhulu iBanyana ezobhekana naso.

Ekugcineni, kukhona i-Argentina izwe elisezingeni eliphezulu ngemuva kokuthi uLionel Messi ewinise iqembu labo labesilisa e-Qatar ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

Manje benethemba lokuthi umphathi wabo uGerman Portanova angaholela iqembu ekwenzeni kangcono kunezigaba zamaqoqo abangakaze bakwenze ngaphambilini.

Umkhankaso weNingizimu Afrika uqala mhlaka-23 kuNtulikazi lapho izobhekana khona neSweden ngaphambi komdlalo ne-Argentina mhlaka-28. Isigaba sabo samaqoqo sizophothulwa mhla zimbili kuNcwaba ne-Italy.

Akungatshazwa ukuthi uThembi Kgatlana nguyena ozobhekwa kakhulu kuBanyana. Uyena kuphela umdlali oseke washaya igoli eshayela elakuleli kulo mqhudelwano, washaya igoli bedlala ne-Spain e-Le Havre ngo-2019.

UKgatlana uphinde wamela izwe lakhe emqhudelwaneni weNdebe Yomhlaba Yabesifazane base-Afrika ngonyaka odlule lapho iNingizimu Afrika yathweswa khona isicoco njengompetha baleli zwekazi.

I-Fifa Women’s World Cup izosakazwa bukhoma ku-SuperSport e-Afrika yonkana.

Isithombe esingenhla: Thembi Kgatlana 

Umthombo wesithombe: @banyana_banyana

Izihloko zakamuva