Baphithene amakhanda ngomfanyana (8) “obulale” umngani ona-5 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuphithene amakhanda emphakathini wase-Chesterville eThekwini ngemuva kokuthi umfanyana (8) egwilizise ngephutha umngani wakhe (5) ngesikhathi bebhukuda.

Kuthiwa uLiyeto Mabizela uphume ekhaya eyodlala nabangani bakhe ngemuva kokubuya esikoleni kodwa umama wakhe ubone engabuyi sekushaye nehora lesikhombisa ngoLwesibili lwangesonto eledlule .

Unina kaLiyeto, uNksz Ncamsile Mabizela uthe namanje akazi nokuthi kumele athini ngokumehlele.

“Umtanami ubuye esikoleni wayodlala nabangani bakhe. Ngibe sengithola umbiko wokuthi usebulewe omunye umfanyana abebedlala naye. Bathi kwale noma sebemkhuza bethi useyapaquza akamyeke wathi akanandaba uyambulala. Okubi abakubo kamsolwa abakaze balubhade layikhaya,” kusho uNksz Mabizela. 

Uthe indodana yakhe ebifunda esikoleni samabanga aphansi eNgwenya Primary e-Extension 3. Amalungu omphakathi akhulume ne-Scrolla.Africa ebebabaza ukuthi ayaqala ukubona ingane encane kangaka okuthiwa ibulale umuntu. 

“Ngisho amaphoyisa awazi nokuthi azoyiqala ayithini lento ngoba nalo muntu okuthiwa ubulele useyingane. Okubi kakhulu ukuthi umndeni wakhe nawo ngathi awubambisene nomndeni wakwaMabizela. Abazihluphi ngalutho. Ngokwami kufanele kulethwe osonhlalakahle baluleke lo osolwa ngokubulala kanye nomndeni wakwaMabizela ngoba lento awuyazi ukuthi okwangempela uyichaza uyithini,” kusho omunye oyisakhamuzi.

Unina kaLiyeto uthe indodana yakhe bayingcwabe izolo ngoLwesibili.

Izihloko zakamuva