Baphikisana bodwa abebhola lombhoxo ngejezi elisha

Menzi Magubane

I-Manly Warringah Sea Eagles izoba iqembu lokuqala elizogqoka ijezi le-LGBTQ+ elihlanganisa wonke umuntu kwi-Australia’s National Rugby League (i-NRL), kodwa lokhu angeke kwenzeke ngaphandle kwempikiswano.

Abadlali abayisikhombisa kuleli qembu bazoliduba ijezi ngenxa yezinkolelo zabo namasiko.

Abadlali basigxekile lesi senzo njengoba bengatshelwanga ngalokhu ngaphambi kokuthi iqembu lenze isimemezelo.

Abaphathi be-Sea Eagles sebexolisile ngalolu daba.

Umqeqeshi uDes Hasler uthe iqembu lenze iphutha ngokungaxoxi nabadlali nokudalsa ukudideka okuningi, ukungakhululeki nobuhlungu kubantu abaningi, ikakhulukazi lawo maqembu abazama ukuweseka.

“Abazange bafakwe ezingxoxqeni futhi okungenani bekufanele kukhulunywe nabo,” kusho uHasler.

Imithetho yeligi ibeka ukuthi bonke abadlali abaseqenjini elilodwa kufanele bagqoke ijezi elifanayo, okusho ukuthi abadlali abayisikhombisa ngeke baye enkundleni ngaphandle uma besebenzisa leli jezi elihlanganisaelimele i-LGBTQ+.

Ukuduba kwabadlali kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana.

“Okungicasulayo ukuthi abadlali bazoduba uthingobangaze badube ijezi kodwa abalokothi badube noma bakhononde ngozakwabo uma besolwa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane,” kubhala umlandeli ku-Twitter.

Abanye abantu basole abadlali ngokuba ngabazenzisi njengoba iqembu lixhaswe inkampani ekhiqiza utshwala kanye neyokubheja.

Owayengumdlali we-NRL u-Ian Roberts owaba ngumdlali wokuqala kwiligi ukuphumela obala ngokuthi uthandana nobulili obufanayo nokwakhe uthe ukuduba kwabadlali kungimphula inhliziyo.

“Kuyadabukisa futhi kungenza ngingakhululeki,” etshela i-Daily Telegraph yase-Sydney.

UNdunankulu u-Anthony Albanese uncome abadlali ngokumela izinkolelo zabo.

“Kubalulekile emphakathini wase-Australia ukuthi sihloniphe wonke umuntu njengoba noma ubani unezinkolelo zakhe,” kusho u-Anthony.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva