Lubhalwe nguThathe Msimango
Umphathi we-Murray & Robert Running Club, uRene Kalmer uthi kumphatha kabi ukuthi le kilabhu izovalwa ngokusemthethweni ekupheleni kwenyanga.
Selokhu yasungulwa ngo-2019, i-Murray & Roberts ibiyikhaya labasubathi abahamba phambili kuleli. Kodwa selokhu inkampani yonjiniyela yamemezela izinkinga zayo zezimali, kubashiye nesikhala esikhulu kanti babika ukuthi angeke bakwazi ukuqhubeka nokufaka imali ezobhekelela abasubathi.
NgoMasingana bamemezele ukuthi bazobhekelela abasubathi abasezingeni eliphezulu ngezindleko zokuya emijahweni kuze kube uNhlangulana. Kodwa uKalmer uthe banethemba lokuthi bazothola abantu abasha abazobaxhasa.
“Kubuhlungu ukuthi i-Murray & Roberts idonsa kanzima njengoba sebephoqelekile nokuthi baqede uxhaso lweqembu. Akuyona into enhle njengoba iningi labasubathi belithembele kuxhaso ukuze bondle imindeni yabo,” kusho uKalmer etshela i-Scrolla.Africa.
“Sinenqwaba yabasubathi abanekhono eqenjini lethu ebesinethemba lokuthi kukhona okuhle okuzovela, kodwa akwenzekanga. Kunzima kakhulu ukuthola uxhaso kuleli ikakhulukazi kwezokusubatha njengoba kunakwe ibhola lezinyawo, ibhola lombhoxo nekhilikithi okuyimidlalo enabalandeli abaningi.”
Omunye wabasubathi okumele baqale ukubheka amakhaya amasha nguKesa Molotsane owayengumpetha we-SA 10km. Lo msubathi ongowokuzalwa e-Free State ubeyingxenye yaleli qembu selokhu lasungulwa.
“Angazi ukuthi ngithini noma ngizizwe kanjani njengamanje. Lolu usuku olubuhlungu noluphoxayo kumasekethe ezokusubatha kuleli,” kusho uMolotsane.
“Ikilabhu yethu ibisebenza kakhulu, ukuyibona yehla kanje akulula neze ukwamukela.”
Njengoba uYolande Maclean elungiselela i-Comrades Marathon, ukuvalwa kwekilabhu kusho ukuthi kufanele azikhokhele izindleko zokuhamba kanye nendawo yokuhlala ukuze akwazi ukuqala ngomhlaka-11 kuNhlangulana. UMaclean unezindondo zegolide ze-Comrades eziyisishiyagalolunye kanti ngonyaka odlule uthole indawo yeshumi ngesikhathi esingu-07:00:19.
“Kumele ngithole indlela yokukhokhela izindleko zokugibela nezokulala ukuze ngingenele umjaho walo nyaka we-Comrades Marathon. Ngakho-ke, kungiphazamise kabi ukubona ikilabhu ivalwa kodwa kuyingxenye yempilo futhi akukho esingakwenza. Okungcono kakhulu ukugxila ekugijimeni ngombono wokuthi kuzovela ithuba elisha,” kusho umsubathi.
Isithombe esingenhla: UKesa Molotsane
Umthombo wesithombe: I-Facebook