Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Abalimi bensangu eNtabankulu bazophila impilo emnandi ngemuva kokuthi kumenyezelwe ukuthi kuzokwakhiwa isikhungo esisha eNgwe TVET College.
Ikhempasi yezolimo yaleli kolishi eliseNtabankulu ngeyokuqala kuleli ukuhlinzeka ngemakethe esemthethweni yensangu ekhiqizwa kule ndawo.
Lezi zindaba zivele ngeledlule ngemuva kokuthi uMasipala waseNtabankulu e-Eastern Cape uthole incwadi yokuzibophezela ephuma eMnyangweni wezeMfundo ePhakeme egunyaza ukwabiwa kwezimali zokwakhiwa kwaleli kolishi.
Lo msebenzi uzokwenziwa ngezigaba ngesabelomali sika-R80 million sesigaba sokuqala. Lesi sigaba sizohlanganisa ukwakhiwa kothango lokubiyela, ukugeleza kwamanzi ezikhukhula, ukwakhiwa komhlaba ngobuningi kanye nengqalasizinda.
Ngokwencwadi yokuzibophezela yomnyango, Ingwe TVET College inelayisensi yensangu futhi izokwazi ukunikeza abalimi bensangu abayingxenye yalokhu amalayisense.
Okhulumela uMasipala waseNtabankulu uLingisile Mzanywa uthe ezolimo ziyisizinda sokuthuthukisa umnotho kule ndawo.
USihlalo weMantlaneni Co-operative ehlanganisa abalimi bensangu uZolile Mtolo uthe lokhu kusho ukuthi kuzofezeka iphupho labo akade belilindele lokukhiqiza insangu endaweni eseduze nasekhaya.
“Sifuna ukukhiqiza wonke amafutha abalulekile neminye imikhiqizo yensangu futhi ekugcineni sizoba nemakethe esemthethweni yomkhiqizo wethu uma sesinelayisensi,” kusho uMtolo.
“Siyethemba ukuthi sizoshintsha izimpilo zethu zibe ngcono ikakhulukazi njengoba singeke sihambe ibanga elide ukuyothola ukuqeqeshwa esikudingayo.”
Esithombeni esingenhla: Isitshalo sensangu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe