Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Amaphoyisa asenxuse abaholi bomdabu ukuthi basize ekunqandeni ukubulawa kwabantu osekuphele iminyaka eminingi kuyinkinga ehostela labesilisa laKwaMashu, eThekwini.
Ngeledlule bekunomhlangano obuphakathi komphathi siteshi saKwaMashu uBrigadier Zakhele Nzama namakhosi ukudingida lolu dlame oluqhubekayo.
“UBrigadier Nzama ubize umhlangano namakhosi kanye nezinduna ukuze kudingidwe ukubulawa kwabantu okwenzeka kuleli hostela,” kusho okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda.
Izicelo zokuthi kungenelele abaholi bomdabu ziqhamuke ngemuva kokubulawa kwabantu abayisishiyagalolunye ngempelasonto eyodwa ngoNhlolanja ngesikhathi bephuza. Kuze kube manje bangu-20 abasolwa okukholakala ukuthi bayathinteka kodwa bekungakaboshwa muntu.
Ngokusho kukaNetshiunda sekuneminyaka amaphoyisa ezabalaza ukungena kuleli hostela ngenxa yesiminyaminya nokwanda kwemijondolo eyakhiwe khona.
Leli hostela limataniswa nezigebengu eziqashelwa ukubulala abaphathi bamatekisi nosopolitiki futhi laziwa njengendawo yokucasha yababulali.
Kubikwa ukuthi izingxabano eziningi eziholela ekubulaweni kwabantu zisuka ezindaweni zasemakhaya bese zikapakela nasehostela.
Abanye abantu baya ehostela ngoba beyofuna umuthi kubelaphi bendabuko abakholwa ukuthi uzobavikela emaphoyiseni noma uzokwenza ukuthi amacala abo ashabalale.
Amaphoyisa azwakalise ukuphatheka kabi ngokwehluleka kwawo ukubopha abantu ngenxa yokungathembani phakathi kwawo nabahlali basehostela.
Ikhansela uMnu Muzi Gwala uthe abantu abafuni ukudalula imininingwane emaphoyiseni ngoba bakhathazekile ngokuphepha kwabo.
Ukuze kuxazululwe lolu daba, kuye kwasungulwa ikomiti lokuthula elibandakanya abaholi bomdabu njengoba izakhamizi eziningi eziphuma ezindaweni zasemakhaya ziphethwe yilabo baholi.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa ehlola isigameko sobugebengu ehostela labesilisa laKwaMashu, enyakatho yeTheku
Umthombo wesithombe: Twitter