Banxenxa uNgqongqoshe ngemali yabadlali besifazane

UNgqongqoshe wezeMidlalo, Ubuciko namaSiko unikeze iBanyana Banyana u-R5.8 million ngoLwesibili kanti usakweleta iMamelodi Sundowns Ladies u-R1 million, kusho uMenzi Magubane.

Yize singeke salulaza impumelelo yeBanyana, ukukhipha izigidi zamarandi ngesikhathi usakweleta elinye iqembu labesifazane elihamba phambili kuleli imali kuyahlekisa.

UMthethwa uthembise leli qembu ibhonasi ka-R1 million ngoMasingana ngokuwina kwi-African Women’s Champions League okokuqala ngqa kodwa namanje abakayitholi imali.

“Asikaze sithole ngisho isenti eliphuma emnyangweni. Sekuphele izinyanga eziyisithupha manje,” kusho isikhulu seqembu sitshela i-FARPPost.

“Abadlali babona sengathi izikhulu ziyitholile imali kodwa azifuni ukubanika kanti lokho kuyinto engalungile. Kufanele kube nokuxhumana okuthile okuvela emnyangweni ukuze abadlali bazi ukuthi isimo sinjani.”

Lesi sikhulu sichaze ukuthi le mali ibizogqugquzela abadlali ukuthi bayovikela isicoco sabo.

“Sonke siyazi ukuthi ayikho imali eningi ebholeni labesifazane. Uma abadlali bethola lokho abeabekuthenjisiwe – kuzobakhuthaza kakhulu ukuthi benze konke okusemandleni ukuvikela isicoco se-CAF Champions League,” kwengeza isikhulu se-Sundowns.

Impumelelo eyingqophamlando yeBanyana Banyana ngoMgqibelo e-Morocco iyisibonelo sokuthi ibhola lethu labesifazane lihamba ngendlela efanele.

Kodwa-ke, ukwesekwa kuyadingeka ekhaya ukuze kuthuthukiswe futhi kukhiqizwe izihlabani eziningi zakusasa ukuze zilandele ezinyathelweni zamaqhawekazi abuyele ekhaya ngoLwesibili ekuseni.

NgoLwezi odlulenyakenye iqembu labesifazane leMamelodi Sundowns lenze izwe laziqhenya ngesikhathi liwina i-CAF Women’s Champions League lihlula i-Hasaacas Ladies yase-Ghana.

Lokho kwavula indlela yempumelelo enkulu ebholeni lakuleli labesifazane. Cishe ingxenye yesithathu yabadlali besifazane beSundowns ibambe iqhaza elikhulu empumelelweni yeBanyana.

IBanyana Ba Style iqhubekile nokuqopha umlando njengoba uithole indondo ye-CAF Club of the Year ngesonto eledlule.

Sengiyaqala ukuqonda ukuthi kungani uBonang Matheba ehlasele uNgqongqoshe uNathi Mthethwa obefuna kube nguye ovelele ngesikhathi iBanyana inikwa isicoco se-Wafcon nokuthi ebanike imali okungenzeka ukuthi ubengayazi.

UMthethwa ubengenalo ilungelo lokwenza lokho, ubesekhohliwe ukuthi yena nohulumeni wakhe bahlulekile ukunakekela ibhola labesifazane lakuleli.

Ngakho-ke Mthethwa kanye nozakwenu ngicela nihloniphe isithembiso senu nikhokhele abadlali imali ebafanele – phela nguwe owasho ukuthi uzobanika.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva