Moyahabo Mabeba
Abakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuthi bahlale kuleli zwe ikakhulukazi abaqhamuka e-Zimbabwe abafihle amakhanda e-Seshego, e-Polokwane, nasemiphakathini engomakhelwane banikezwe umnqamulajuqu wosuku lukancibijane ukuthi baphume endaweni ngabaholi bomphakathi.
Njengoba kuqhubeka ukungezwani phakathi kwabantu abaqhamuka kwamanye amazwe nezakhamuzi zakuleli, abaqhamuka e-Zimbabwe abahlala eduze kwezigodi i-Mmotong i-Blood River kanye ne-Makgofe bashiye le ndawo ngobuningi babo.
Kushe umjondolo, obekungowezithandani zase-Zimbabwe, kwaphinde kwagetshengwa nesitolo sama-Somalia ngesonto eledlule.
Abahlali ebebethukuthele begane unwabu bacasulwe indaba yokuhlala kwabantu bakwamanye amazwe ngemuva kokuba oqhamuka e-Zimbabwe, uTemba Dube, evumile ukuthumba abulale abesifazana abayisikhombisa endaweni yese-Seshego.
NgoMgqibelo, ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni amahhovisi enhlangano emelene nobugebengu i-Seshego Community Against Gangsterism and Crime (i-Scagac), abaholi baphinde bagcizelela ukuthi bonke abokufika abangenazo izincwadi kumele baphume mhla zizinye kuMasingana.
Kulo mhlangano osuse umsindo, usihlalo we-Scagac uVincent Kunutu kanye nonobhala uVictor Makhura bathe abahambisani nokuhlaselwa kwabokufika. Kodwa baxwayise ngokuthi abokufika kumele balungise amaphepha abo.
“Siyazi ukuthi akubona bonke abantu base-Zimbabwe abayizigebengu, kodwa asifuni kube khona abakwamanye amazwe abangekho emthethweni emiphakathini yethu. Siyaqhubeka nokubajaha futhi kumele babe sebehambile ekupheleni kosuku lukancibijana,” kusho uKunutu.
Kodwa-ke abanye abahlali bathi bazodingisa abase-Zimbabwe kungakafiki ngisho umhla zizinye kuMasingana.
Nakuba uMachel Mamabolo ethi akayena umuntu ozonda abokufika, utshele i-Scroll.Africa ukuthi ufuna abantu base-Zimbabwe bahambe ngokushesha.
“Silwa nobugebengu nje lapha kanti izigebengu eziphakathi kwethu yilabo abavela e-Zimbabwe,” kusho uMamabolo.
Abokufika base-Zimbabwe abahlala emijondolo yase-Harare, entshonalanga ye-Polokwane, bafunge bagomela ukuthi bazele ukuzohlala unomphela.
“Uma labo bantu befuna impi, impi iyonanto abazoyithola. Silapha ukuze sihlale ingunaphakade futhi akunamuntu ozosisukela,” kusho uNyakazino Sizimba.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier uMotlafela Mojapelo uthe kushaywe kwajikijelwa ngamatshe izimoto zamaphoyisa ngesikhathi eyobopha abokufika abangenazo izincwadi.
“Ngesikhathi kuboshwa omunye wabokufika kusolakala ukuthi ukhiphe ummese wadlulela emaphoyiseni, ewasabisa ngokuwagwaza. Wadutshulwa walimala.”