Banqunywe amashoba onogada baMashatile abathinteka kwesokuhlukumeza

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Wonke amaphoyisa ayisishiyagalombili abethinteka ecaleni lokushaya ku-N1 amisiwe ngokomthetho we-SAPS wokuqondiswa kwezigwegwe kusukela ngoMsombuluko mhlaka-10 kuNtulikazi.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukumiswa kwalaba ngoMsombuluko kusihlwa.

UMathe uthe, i-SAPS ifisa ukungaphinde ikhulume ngalolu daba.

IPhini likaMengameli uPaul Mashatile ukuqinisekisile ngeledlule ukuthi amaphoyisa aqoshwe ngekhamera ngoMsombuluko owedlule eshaya abashayeli abangahlomile abejutshwe ukugada yena.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLt General Fannie Masemola, ngeledlule uthe “ukuziphatha esikubonile akwamukelekile.

“Ukuthi kwenzekeni ngaphambi kwalokho, angeke ngazi. Siyakuphenya lokho. Kodwa esikushoyo nje ukuthi le ndlela yokuziphatha esiyibonayo ayamukelekile.”

U-Ian Cameron ongumqondisi wezokuphepha komphakathi ku-Action Society, uthe njengoba la maphoyisa engakaboshwa kuwubulwane lokho. “La maphoyisa angama-VIP aphathwa ngokukhethekile. Bayizigebengu. Kufanele baboshwe bashushiswe ngamacala okuzama ukubulala, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukusabisa, ukukhomba ngesibhamu nokulimaza impahla,” usho kanje.

La maphoyisa athwetshulwe nge-video eshaya amadoda agcine evezwe njengamalungu ombutho wezokuvikela wakuleli.

Ngesonto eledlule, uRobbie Raburabu okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate uthe abaphenyi baxhumene namalungu omndeni wezisulu ukuze basizwe uma bevula amacala. Izingxoxo ziyaqhubeka ukuze kuphinde kutholakale abaqashi bezisulu ukuze basize ophenyweni.

Abantu abaningi okuhlanganisa namaqembu ezepolitiki nezinhlangano zomphakathi basigxekile lesi sigameko bethi akuboshwe amaphoyisa athinteka kuleli cala.

Izihloko zakamuva