Menzi Magubane
Kule sizini edlule amaqembu amaningi akuleli axoshe abaqeqeshi ngaphandle kokunanaza nokucabanga kabili.
Mhlawumbe i-Safa kufanele isebenzise eminye yemithetho yebhola lase-Brazil ukuqeda lo mkhuba. Kwiligi yase-Brazil amaqembu avunyelwe ukushintsha abaqeqeshi kanye ngesizini.
Abaqeqeshi bavunyelwe ukuqeqesha amaqembu amabili ngesizini eyodwa. Uma iqembu likhetha ukuxosha umqeqeshi okwesibili ngesizini eyodwa lowo ozongena esikhundleni kufanele kube umuntu osesebenze eqenjini okungenani izinyanga eziyisithupha njengomdlali noma umsizi womqeqeshi.
Ngesizini edlule abaqeqeshi abayishumi nambili balahlekelwe imisebenzi kwi-DStv Premiership kanti bathathu kuphela asebekwazile ukuzitholela amakhaya amasha. I-Chippa United iyona ehamba phambili njengoba isishintshe abaqeqeshi kathathu ngesizini eyodwa.
ULehlohonolo Seema uhlale izinsuku ezingu-42 ngaphambi kokuthi axoshwe kwafakwa uGavin Hunt. UHunt uhlale izinsuku ezingu-45 kwi-Chippa naye waxoshwa.
Ngaphambi kokuthi kuphele isizini bacele uKurt Lentjies ongumdlali ukuthi abe eqeqesha abadlali abambe lesi sikhundla okwesikhashana. Ezinsukwini ezingu-67 wakhonjwa indlela kanti kuleli sonto baqashe owayengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uDaine Klate njengo mqeqeshi wabo omusha.
Selokhu inyukele kwi-Premiership ngo-2012, i-Chippa isiqashe abaqeqeshi abangu-34 abehlukene kanti ngendlela usihlalo wayo uSiviwe “Chippa” Mpengesi aqhuba ngayo kubukeka sengathi uKlate angeke kube nguyena yedwa umqeqeshi ozohola iqembu isizini yonke.
Nangonyaka odlule kunonakale abanye abaqeqeshi abaningi bephelelwa umsebenzi.
Uhlu lude kanti luhlanganisa uSeema we-Golden Arrows, uBenni McCarthy waMaZulu, uDan Malesela we-Marumo Gallant, u-Owen Da Gama we-TS Galaxy, uBrandon Truter we-Swallows), uStuart Baxter we-Kaizer Chiefs, uKaitano Tembo we-SuperSport United, uKgoloko Thobejane we-Baroka, uJosef Zinnbauer we-Orlando Pirates noHunt we-Chippa.
U-Ernest Middendorp we-Maritzburg United noJohn Maduka we-Royal AM nabo balahlekelwe imisebenzi ngemuva kwezinsuku zokuphela kwesizini nyakenye kulo nyaka uuMaduka wajoyina i-Maritzburg, uHunt wajoyina i-SuperSport noTembo wajoyine iSekhukhune United kanti laba ibona abaqeqeshi abakwazile ukuthola amakhaya abo amasha kwi-Premiership.
I-Mamelodi Sundowns, i- Cape Town City, ne-Stellenbosch iwona amaqembu agcine abaqeqeshi emaqenjini abo ngesizini edlule.
I-Safa kumele yenze okuthile ngalento futhi ikwenze maduzane kungenjalo sizobona enye isizini okuzoxoshwa kuyo abaqeqeshi futhi.
Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma