Baningi abadlali abangezi ukudlala kweyomhlaba ngenxa yokulimala

Dylan Bettencourt

Njengoba imibiko emibi engapheli mayelana neNdebe yoMhlaba yase-Qatar isaqhubeka kunane mibiko eminingi ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu kungase kube inhlekelele kulo mqhudelwano kanye nakubadlali.

Sekusele inyanga ukuthi umqhudelwano weNdebe yoMhlaba uqale kanti ukuba matasatasa kusho ukuthi bayanda abadlali abalimalayo okuzokwenza ukuthi bangangeni kulo mqhudelwano.

Njengoba lo mqhudelwano udlalwa ngoLwezi kuya kuZibandlela uma kuqhathaniswa ngoNhlangulana kuya kuNtulikazi, ibhola lasekhaya liqalile.

Noma yikuphi ukulimala okutholakala emidlalweni emibili kuya kwemithathu amaqembu kuzodala ingozi yangempela yokuthi abadlali bengakulungeli ukuya kwiNdebe yoMhlaba.

Muva nje umgadli we-Liverpool uDiogo Jota uye walimala kanti iqembu lakhe liqinisekise ukuthi ukulimala kuzomvimba ukuthi angangeni eqenjini lase-Portugal leNdebe yoMhlaba.

Umdlali wasemuva kwesokudla waseNgilandi uReece James ulimale edolweni kanti lokho kuzomenza angadlali kuze kudlule umqhudelwano wase-Qatar.

INgilandi ingase idlale ngaphandle kukaKyle Walker, uHarry Maguire, uJohn Stones kanye noKalvin Phillips ngoba bonke balimele.

Umdlali we-Chelsea uN’golo Kante uhlinzwe umsipha kanti lokho kuzomenza angadlali izinyanga ezine, futhi ngeke akwazi ukusiza izwe lakungabo i-France ukuthi livikele isicoco salo.

I-France ingase iphinde idlale ngaphandle kukaWesley Fofana kanye noPaul Pogba.

Ukulimala akugcini lapho. Umgadli we-Brazil kanye neTottenham uRicharlison uzofuna ukusheshe alulame ekulimaleni kwakhe.

Ngesikhathi umqeqeshi we-Tottenham u-Antonio Conte ethi lo mgadli ngeke akulungele ukudlala, imibiko iveza ukuthi angase abe seqenjini eliya kwiNdebe yoMhlaba.

ULionel Messi uzisholo yena ukuthi akanaso isiqiniseko sokuthi ukulungele ukudlalela i-Argentina okungenzeka kube yiNdebe yoMhlaba yakhe yokugcina.

Omunye umgadli wase-Argentina uPaulo Dybala uzophuthelwa yilo mqhudelwano ngenxa yokulimala ethangeni ngemuva kokushaya iphenathi kwi-AS Roma ekuqaleni kwale nyanga.

Ngakho-ke iqembu elinabadlali abaningi abazodlala abasezingeni eliphezulu uma kuqala iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo kungase kube yilona eliwinayo.

Isithombe esingenhla: UN’golo Kante kanye noReece James

Umthombo wesithombe: @TheChelseaChronicle

Izihloko zakamuva