Banikezwe ibheyili abasolwa ngokubulala uMagaqa

Celani Sikhakhane

Akukho okujwayelekile ngokubulawa kowayenguNobhala Jikelele wophiko lwentsha ye-ANC uMnu uSandiso Magaqa.

Amaphoyisa afika lapho ayedutshulwe khona aqoqa amagobolondo angu-65 ezinhlamvu.

Lokhu akufikile ngisho nasemazweni lapho okwakubulawa khona abantu abangu-5700 njalo ngemuva kwezinyanga ezintathu, yingakho ukuhlaselwa kukaMagaqa ngonyaka ka-2017 kwashaqisa isizwe.

Kwenzeka lokhu nje ngoLwesibili abaningi bashaqekile ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yaseXobho ikhipha ibheyili yabesilisa abathathu abasolwa ngokubulala uNobhala.

Samsung Galaxy 14G

OwayenguNobhala Jikelele we-ANCYL wadutshulwa eMzimkhulu kungalindelekile.

Ushone ezinyangeni ezimbalwa kamuva esibhedlela ngenxa yamanxeba ezinhlamvu.

Umndeni kaMagaqa kanye ne-National Prosecuting Authority (NPA) bebenethemba lokuthi abasolwa bazogqunywa ejele kuze kuqulwe icala.

Kodwa ngoLwesibili laba bobathathu badedelwe ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye eNkantolo yeMantshi yaseXobho.

Okhulumela i-NPA, uNatasha Kara, uthe abasolwa, uMbulelo Mpofana, uSibonelo Myeza, noMlungisi Ncalane, bathole ibheyili kulandela ukufaka isicelo sebheyili sobufakazi obusha.

UKara uthe bazosidlulisela phambili lesi sinqumo.

“Udaba luzobuyela eNkantolo ngomhlaka-18 kuNtulikazi 2022. UMbuso ucubungula isicelo sokudlulisa isinqumo esiholele ekutheni abammangalelwa badedelwe ngebheyili,” kusho uKara.

I-ANC eKZN nayo ayeneme, ikakhulukazi njengoba ibingabaza ukuziphatha kwabasolwa okubambezele icala kusukela ngonyaka ka-2018.

Okhulumela i-NPA, uMnu uNhlakanipho Ntombela, uthe bazokweseka i-NPA esicelweni sabo sokwedluliswa kwesinqumo.

“Sikholwa ukuthi abasolwa bamsulwa kuze kutholakale ubufakazi obuhlukile kodwa laba  badlala amaqhinga okulibazisa.

Ngaso sonke isikhathi uma iNkantolo ibeka usuku lokuqulwa kwecala, bashintsha ithimba labo labammeli ngosuku olwandulela usuku olubekiwe. Lokhu kubuhlungu emndenini kaMagaqa,” kusho uNtombela.

UMagaqa wabulawa eseyikhansela kuMasipala i-Harry Gwala, eMzimkhulu.

Ubekanye namanye amakhansela amabili ngesikhathi edutshulwa, womabili asinda kodwa alimala.

Kusolwa ukuthi ukubulawa kukaMagaqa kuhlobene nokulwa nokusetshenziswa kuka-R40 million ukwakha ihholo lomphakathi eMzimkhulu.

UMagaqa ubefuna ukukhombisa ukuthi akulandelwanga imigudu efanele ngesikhathi kukhishwa ithenda, elatholwa abaholi abathile be-ANC.

Scrolla World Cup Quiz