
Doreen Mokgolo
Abafundi abangu-15 kudingeke ukuthi balaliswe esibhedlela ngempelasonto ngemuva kokudla amakhekhe anensangu.
Kusolwa ukuthi lamakhekhe abedayiswa ngabanye abafundi bakulesi sikole.
NgoLwesine ntambama abafundi abangu-11 bebanga leshumi esikoleni samabanga aphezulu e-Randfontein baphuthunyiswe esibhedlela ababili bakhishwa, abayisishiyagalolunye balaliswa, kodwa oyedwa wabo obesesimweni esibucayi usephumile ebungozini.
NgoMgqibelo abafundi abane bebanga leshumi esikoleni samabanga aphezulu e-Mamellong e-Tsakani kudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela sendawo ngemuva kokukhala ngesisu, ukucanuzela kwenhliziyo, ukubona izinto ezingekho kanye nokuhlanza.
Ngesikhathi bephonswa imibuzo bavumile ukuthi badle amakhekhe anensangu abawathenge komunye wabafundi.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMnu Panyaza Lesufi ukuqinisekisile ukuthi umfundi odayise amakhekhe anensangu uzomiswa esikoleni.
“Uzobekwa amacala okuphula umthetho wesikole kanye nokubeka impilo yabanye abafundi engozini,” kusho uLesufi.
ULesufi uthe ukhathazekile ngomkhuba wabafundi abadla lokhu akubize ngamakhekhe ensangu.
“Asigculisekile ngokudayiswa kwala makhekhe ensangu okuqhubekayo lapho abafundi begula khona bagcine ngokuphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uLesufi.
“Sinxusa abafundi ukuthi bayeke ukuthenga izinto ezingaziwa ezibeka impilo yabo engcupheni.”
Uthe isimo sabafundi sibhekwe ngeso lokhozi ukuze balulame ngokushesha futhi babuyele emindenini yabo ngokuphepha.
Umzali okhathazekile uNomsa Mahlangu uthe abafundi sekunesikhashana bedla amakhekhe anensangu.
“Lamakhekhe phambilini abedayiswa ngaphandle kwamagceke esikole kodwa manje asengenile emagcekeni,” kusho uNomusa.
“Sinxusa izikole ukuthi zingavumeli abafundi ukuthi badayise noma iluphi uhlobo lokudla oluphekiwe emagcekeni esikole.”