I-International Olympic Committee (IOC) ithe abasubathi base-Russia nabase-Belarus bazovunyelwa ukuqhudelana kuma-Olympics uma bekhetha ukungaqhudelani ngaphansi kwamafulegi amazwe abo.
I-IOC isazothatha isinqumo esingujuqu ngabasubathi abavela ezifundeni ezimbili ngaphambi kwama-Olympics azoba se-Paris ngo-2024.
Lesi siphakamiso sizosebenza kubasubathi abangabodwana kuphela hhayi amaqembu.
UMengameli we-IOC uThomas Bach uthe ukubamba iqhaza kwabasubathi abanamaphepha ase-Russia nase-Belarusian emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe kuyasebenza.
“Lokhu sikubona cishe nsuku zonke emidlalweni eminingi, ikakhulukazi emidlalweni yethenisi, amabhayisikili nakweminye imiqhudelwano yethenisi edlalwa etafuleni,” kusho uBach.
“Sikubona kwi-ice hockey, ibhola lezandla, ebholeni lezinyawo kumaligi aseMelika kanye nase-Europe kanti siyakubona nakwamanye amazwe. ”
UNgqongqoshe wezeMidlalo wase-Ukraine uVadym Guttsait usole i-IOC ngalemigomo kulandela lesi siphakamiso esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngenkathi i-IOC igcizelela ukugxeka kwayo impi yase-Russia e-Ukraine, yengeze ngokuthi ipolitiki akufanele iphazamise isinqumo sezemidlalo sokubamba iqhaza kwabasubathi.
I-Ukraine yasabisa ngokuduba ama-Olympics alandelayo uma abasubathi base-Russia nase-Belarus bekhona, kungakhathalekile ukuthi baqhudelana ngaphansi kwaliphi ifulegi.
UStanislav Pozdnyakov ongiMengameli wekomidi lama-Olympic e-Russia, uthe izikhalazo azamukelekile neze.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: UMengameli we-IOC uThomas Bach
Umthombo wesithombe: I-Twitter