Bangase babhekane okwesihlanu abashayisibhakela abanomlando 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Ikusasa lika-Israel Adesanya belisemgqeni ngesikhathi engena eringini eyi-octagon ezobhekana okwesine no-Alex Pereira.

Laba bobabili banomlando omude ndawonye, ​​kusukela ngo-2015 ngesikhathi bebambana khona emqhudelwaneni we-kickboxing.

U-Adesanya wase-Nigeria uthathwa njengomunye wabadlali abahamba phambili ku-Ultimate Fighting Championship (UFC), kodwa munye umuntu owayehlale emphazamisa okunguPereira.

UPereira washaya u-Adesanya kabili kwi-kickboxing ngaphambi kokufika kwe-UFC, nakhona wakhipha lo mdlali oneminyaka engu-33 emzuliswaneni wokugcina wesicoco se-middleweight ngoLwezi nyakenye.

Kuzona zontathu izimpi, u-Adesanya ubethembisa ukuthi uzowina kodwa lokho akwenzekanga.

UPereira unamandla futhi angaginqa noma ngubani ngenqindi yakhe yesandla sobunxele.

UPerreira wase-Brazil uthe ezinye izitayela zokulwa azifani futhi u-Adesanya angeke amhlule.

Futhi kubukeka kukanjalo njengoba u-Adesanya, omele i-New Zealand efuna ukubuyisela ibhande lakhe.

Ngaphambi kwempi u-Adesanaya uthumele umyalezo odelelayo wokuthi akalifuni ibhande, ufuna ikhanda likaPereira.

U-Adesanya ulwe kakhulu emzuliswaneni wokuqala wempi, kodwa belingekho ithuba lokuhlula imbangi yakhe. 

U-Adesanya ongu-Israel Mobolaji Temitayo Odunayo Oluwafemi Owolabi Adesanya igama lakhe uma seliphelele ubonakale ehlukile futhi ethukuthele.

Intukuthele yinto u-Adesanya angajwayele ukuyiveza nokuyisebenzisa njalo, kodwa isebenze kahle emzuliswaneni wesibili.

U-Periera uqumbe phansi u-Adesanya ngesandla sokunxele futhi walimala noma ubecabanga kanjalo.

U-Adesanya uzamile ukubambelela kwikheji ebuka amehlo kaPereira, efuna ukuqeda impi ngamagalelo amaningi.

Kodwa-ke, u-Adesanya ubone ithuba walahla phansi uPereira ngesandla sokudla ukuze abuyisele ibhande lakhe.

Ngesikhathi ebuzwa ngempi engase ibe ngeyesihlanu phakathi kwalaba bobabili njengoba kumi ku-1-1 ku-UFC, u-Adesanya uthe uzokwazi ukunyusa amaphuzu.

Isithombe esingenhla: U-Israel Adesanya egubha ukuhlula kwakhe u-Alex Pereira

Umthombo wesithombe: @stylebender

Izihloko zakamuva