Bangaphezu kwezi-3 000 abangeniswe esibhedlela ngenxa yokhuvethe e-Gauteng

Dylan Bettencourt

Njengoba sekudlange igagasi lesithathu lokutheleleka ngokhuvethe ezweni, abantu abayi-3,065 njengamanje balashelwa leli gciwane ezibhedlela zase-Gauteng kuphela.

Lesi sifundazwe siqophe izibalo ezintsha zabayi-2,961 abahaqwe ukhuvethe ngoMgqibelo, kanti izwe lonke liqophe izibalo eziyi-5,450. Lokhu kusho ukuthi ngaphezu kwengxenye yokutheleleka okusha ezweni kwenzeke e-Gauteng

Izibalo eziqinisekisiwe zabathelelekile esifundazweni manje bayi-471,613. Kulaba, abantu abayi-11,404 babulawe ukhuvethe kuze kube manje.

Mayelana nokukhishwa komuthi wokugoma esifundazweni, kuye kwanikezwa imithamo eyi-346,914 kubantu abayi-488,264 ababhalisiwe ukuthola umuthi wokugoma ku-Electronic Vaccination Data System yesizwe.

NgoMgqibelo mhla zi-5 kuNhlangulana, kwashona abantu abangama-97 ngenxa yokugula okuhlobene nokhuvethe, kanti isilinganiso sokushona kwabantu sezinsuku eziyisikhombisa njengamanje sihleli kuma-81 ngosuku.

Isibalo sabathelelekile ezweni sesifinyelele ezigidini eziyi-1.69, abaluleme abayizigidi eziyi-1.57 kanye nabashonile abayi-56,929 ngenxa yokhuvethe.

Umthombo wesithombe: @Epicentre

Izihloko zakamuva