Bangaphezu kwabangama-300 abafana besikole base-Nigeria abalahlekile

Iqembu labashokobezi lase-Nigeria, i-Boko Haram, selizibophezele ekuthunjweni kwabafana besikole abangaphezu kwabangama-300 ngoLwesihlanu olwedlule eNyakatho Ntshonalanga ye-Nigeria – kodwa ochwepheshe abaningi bayakungabaza lokhu.

Balinganiselwa kwabangama-333 abafundi abasadukile ngemuva kokuba abanye babafana beqele endaweni ephephile ngobusuku bokuhlaselwa.

Yize kunjalo, umbusi wasifunda se-Katsina ngoMsombuluko uthe useqalile ukuxoxisana nabathumbi.

Ochwepheshe bezokuphepha bakholelwa ekutheni maningi amathuba okuthi laba bafana bathathwe yizigelekeqe kune-Boko Haram engavamisile ukusebenza kuleyo ngxenye yezwe.

Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthunjwa kwabantu e-Nigeria, ngabathumbi abafuna imali yesihlengo.

Kodwa-ke, uma i-Boko Haram ingumgogodla wokuthunjwa kungasho ukuthi balukhulise ngokumangazayo uhla lwabo lokusebenza.

Iphephandaba lase-Nigeria i-Premium Times libike ukuthi abezokuphepha base-Nigeria bathe ngoMsombuluko bazungeze indawo yokucasha okusolwa ukuthi iyindawo yabathumbi.

Izihloko zakamuva