Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Bangaphezu kuka-83,000 abantu base-Eastern Cape abalahlekelwe yimisebenzi ezinyangeni ezintathu nje kuphela, lokho kwenze ukuntuleka kwemisebenzi kwafinyelela ku-39.3%.
Imindeni idonsa kanzima ukuze iphile njengoba abantu abaningi bedela ukufuna umsebenzi.
Bangaphezu kuka-83 000 abantu base-Eastern Cape abalahlekelwe yimisebenzi ezinyangeni ezintathu nje kuphela.
Lokhu kwenyuse izinga labantu abangasebenzi esifundazweni lafinyelela ku-39.3%, okuyisibalo esiphezulu ezweni.
I-Stats SA ikhiphe izinombolo kuleli sonto. Bakhombisa ukuthi izinto ziya ziba zimbi kakhulu.
Ezweni lonke, imisebenzi engaphezu kuka-291,000 yaphela. IKwaZulu-Natal ishayeke kakhulu ngokulahleka kwemisebenzi engu-104 000. I-Eastern Cape ilandela ngemuva.
I-North West kuphela enezinga eliphezulu labantu abangasebenzi okungu-40.4%. I-Free State ilandela i-Eastern Cape ehlezi ku-37.9%.
Amaqembu aphikisayo athi ukulahleka kwemisebenzi kukhombisa ukuthi umnotho umi kanjani kanye nokuthi bahlupheka kanjani abantu la ngaphandle.
Umholi we-Democratic Alliance esiShayamthetho sase-Eastern Cape, uVicky Knotze, uthe: “Yonke imisebenzi elahlekile akuzona nje izibalo. Kusho ingane elala ingadlile, umzali ephoqeleka ukuthi akhethe phakathi kokudla nogesi, kanye nomuzwa okhulayo wokuphelelwa ithemba.”
KwaZwide umama wezingane ezintathu uthe uphelelwe umsebenzi esitolo ngoba ubehlale eqa emsebenzini.
“Ngangike ngeqa emsebenzini ngiyophuza nabangane bami, umphathi wami wayenomusa engizwela ngoZibandlela kodwa ngoMasingana ngaxoshwa,” usho kanje.
KwaZakhele ogada ingane uthe waphelelwa umsebenzi ngesikhathi umndeni abewusebenzela uthuthela phesheya kwezilwandle.
“Bengilokhu ngifuna umsebenzi kusukela ngoMasingana. Ngithola amatoho njalo, kodwa akukho okuzinzile. Impilo isishintshe kakhulu ezinganeni zami nakumina,” esho.
I-Stats SA iphinde yathi isibalo sabantu abangasebenzi e-Eastern Cape sesiku-49%. Lokhu kuhlanganisa nabantu abayeke ukufuna umsebenzi.
Intsha nayo idonsa kanzima. Ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha kukhuphuke kusuka ku-44.6% kuya ku-46.1% ezinyangeni ezintathu nje kuphela.
Manje sekunentsha engu-4.8 million eNingizimu Afrika yonke engenayo imisebenzi. Lokho kungaphezu kuka-151,000 kunangaphambili. Isibalo sentsha esebenzayo sehle ngo-153,000 saya ku-5.7 million.
E-Buffalo City Metro, bangu-37.3% abantu abangasebenzi. ENelson Mandela Bay, izinga lingu-22.3%.
Esithombeni esingenhla: Umama ocela umsebenzi.
Umthombo wesithombe: Facebook