Bangaphezu kuka-30 ababoshiwe emibhikishweni yase-Malawi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Iqembu lezakhamizi ezikhathazekile libhikishe ngokuthula ngokumelene nokungajeziswa kanye nenkohlakalo edolobheni lezentengiselwano lase-Malawi i-Blantyre, ngoLwesine.

Kodwa ngesikhathi imibhikisho ithuthela enhlokodolobha yase-Lilongwe ngoLwesihlanu, kuqubuke izigameko ezimbi kwaboshwa abantu abangu-33.

Kulabo ababoshiwe kubalwa abaholi bemibhikisho uJoshua Chisa Mbele kanye noLevi Luwembe.

Bachithe impelasonto eziteshini zamaphoyisa ezahlukene bebhekene namacala okususa udlame ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho.

Ngokusho kalowo okhulumela amaphoyisa kazwelonke uPeter Kalaya, ababhikishi bahlulekile ukulandela umzila okuvunyelwene ngawo nokuqinisekisa ukuhleleka kwemibhikisho.

Ababhikishi bebefuna ukuthi uKhomishana wesiFunda sase-Lilongwe uLawford Palani athole incwadi yezikhalazo zabo e-State House egameni likaMengameli uLazarus Chakwea, osedolobheni lesithathu lase-Malawi i-Mzuzu obexoxisana nabantu ngezinhlelo zentuthuko.

“Ngemuva kokuthi bemashele ehhovisi likaKhomishana wesifunda, esikhundleni sokwethula incwadi yezikhalazo bafune ukuphoqa uKhomishana wesifunda ukuthi ahambe nabo e-State House ukuze bayokwethula khona isicelo sabo,” esho.

“Ngesikhathi uKhomishana wesiFunda enqaba, babe nodlame bashaya ezinye izakhiwo ngamatshe – ngakho baboshiwe.”

UKalaya uthe abasolwa bazovela enkantolo ngoMsombuluko lapho abazophendula khona ngecala lokususa udlame.

Phambilini, uChisa Mbele wagxeka abaphathi be-Tonse Alliance ngokwehluleka ukufeza izithembiso zabo nokufaka izakhamizi ebunzimeni bezomnotho.

Udalule nokwanda kwamacala okweba nenkohlakalo kuhulumeni.

“Yithina esibakhethile futhi yithina abathi isikhathi sabo siphelile,” esho.

Imibukiso ibixhaswe kakhulu ngabantu abasha nabadayisi abahweba edolobheni.

Leli qembu liphinde lahlela imibhikisho ngoLwesine e-Zomba.

Izihloko zakamuva