Lungani Zungu
Ngokusho kwe-Swaziland Youth Congress, kuze kube manje bangama-21 ababhikishi asebebulewe e-Swatini ngamasosha, ngokusho komyalo weNkosi uMswati III.
“Siwaqinisekisile amacala angama-21 ababhikishi base-Swazini ababulawe ngonogada bombuso. Ukuhlonipha labo asebeshonile emhlabeni sizoqhubeka silwele intando yeningi,” kusho i-Swaziland Youth Congress ezinkundleni zokuxhumana.
Uthuthuva ezweni lwaqubuka mhla zingama-20 kuNhlangulana lapho izakhamizi zazifuna kwenziwe izinguquko kwezepolitiki nokuthi iNkosi inikele ngamandla ayo.
NgoLwesibili ebusuku, izakhamizi ebezibhikisha zishise i-Swatini Beverages, okuyinkampani ekhiqiza utshwala okubikwa ukuthi iyingxenye yeNkosi uMswati.
Ababhikishi abebedinwe begane unwabu baqhubeke nokushisa i-Southern Star Trucks, nayo ephethwe iNkosi uMswati kanye nezinye izakhiwo eziningi.
UMswati kuthiwa uhambe esigodlweni sakhe ngempelasonto futhi ubhace eGoli. Ngenkathi kuqhubeka umbhikisho, uhulumeni waziphikisa izinsolo zokuthi ubalekile ezweni.
Izikhalazo zababhikishi zibandakanya ukuthi iNkosi inikele ngamandla ayo aphelele ebese iqoka uNdunankulu kanye noNgqongqoshe beKhabhinethi.
Bafuna iNkosi inikele ngawo wonke amandla ayo okuphatha futhi isuse ukuvinjelwa kwawo wonke amaqembu ezepolitiki anqatshelwa ngokomthetho kusukela ngowezi-1973.
Ephendula mayelana nalo mbhikisho, uhulumeni umemezele isikhathi esinqunyelwe sokubuya ekhaya kusukela kwihora le-6 ntambama kuya kwihora le-5 ekuseni ebese evala i-intanethi, kodwa izakhamizi ebezibhikisha zidelele isikhathi ebesiqungelwe zaqhubeka nemibhikisho.
ULucky Lukhele we-Swaziland Solidarity Network unxuse umphakathi wamazwe omhlaba ukuthi ufake ingcindezi eNkosini ukuze iphendule izifiso zabantu iphinde ithole isixazululo.
“Okokugcina okudingwa yileli zwekazi ukuvukelana ngokuphelele obekungavinjwa kalula,” kusho uLukhele.
UMnuz uThokozane Kunene, unobhala-jikelele we-Communist Party of Swaziland, uthe sekuneminyaka eminingi bexwayisa iNkosi ukuthi ibeke izintshisekelo zabantu phambili.
“Kodwa akasinakanga. Abantu bakhathele, futhi ngeke bame bengakakutholi abakufunayo,” kusho yena.
Umthombo wesithombe: @SwaziNews