Bangakhele itulo lokungisusa kusho u-Ace

Kabelo Tlhabanelo noLungani Zungu

U-Ace Magashule utshele idlanzana labantu abamesekayo ukuthi lezi zingqinamba nokuhlehliswa kuyamkhathaza. Ubatshele emi ngaphandle kwenkantolo ephakeme yase-Bloemfontein.

Bekugcwele amaphoyisa namasosha ngaphandle kwenkantolo egadile njengoba abamesekayo bebecula amaculo omzabalazo.

Le ndaba ifaka uMagashule nabanye abayi-15 kwizinsolo zezigidi ezingama-255 ezinyamalele. Leli cala belilindeleke ukuba liqhubeke ngoLwesithathu, kodwa lahlehliselwa umhla zingama-19 kuMfumfu.

Okukhathazayo ukuthi lokhu kuhlehliswa kwecala kwenziwe ngamabomu etshela abamesekayo.

Bafuna abantu bakholelwe ukuthi ngenza ubugebengu ekubeni ngingakaze ngithathe ngisho isenti elimdaka. Baqhuba i-Propaganda ukuze bangcolise igama lami nesithunzi sami ngoba befuna ukubamba i-ANC.

Uthe basebenzisa ipolitiki ukuze bamubhece ngobende inyama engayidlanga ukuze avimbeke ukuthi angakwazi ukuthola esinye isikhundla kwi-ANC. 

Iqiniso lizovela ayikho into edlula iqiniso kusho u-Ace.

Kwingxoxo utshele i-Scrolla.Africa ngemuva kokuthi akhulume nabalandeli bakhe ukuthi icala lakhe lifana netulo elenziwe ngaphakathi.

Kuze kube imanje angiwazi amacala engibhekene nawo. Wonke umuntu uyabona ukuthi ngakhelwe itulo.

Abantu abakade bekhona ngaphandle kwenkantolo bebengafikile kwi-100 bebebancane kunalokhuya okudlule.

Abamesekayo bekukhona owayeyisikhulumi somkhonto weSizwe Military Vetarans u-Carl Niehaus noSam Mashinini owayephethe amaphoyisa ase-Free state kanye noNgqongqoshe wemigwaqo nezithuthi.

Ithenda lakhishwa ngenkathi u-Ace Magashule esawundunankulu wase-Free state ngowezi-2014.

Ngaphambi kokuba aye enkantolo ngoLwesithathu abefundisi base-Free state bamuthandazela.

Omesekayo uThapelo Sebotsha uthe uMagashule akanacala uma inkantolo ingakamutholi enecala.

UMagashule ubengumlandeli oqinile ka-Jacob Zuma wamiswa kwi-ANC nabanye abaseqenjini abasolwa ngokukhwabanisa. Ulwela ukumiswa kwakhe enkantolo.

U-Ace Magashule usazowuthola umholo wakhe ngenyanga obalelwa kwimali eyizi-133 000.

Izihloko zakamuva