Banethemba lokuthola izikhala abalala ngaphandle kwenyuvesi 

Lubhalwe nguLungani Zungu

UNombuso Mkhize uphethe ingubo yokulala kuphela kanye nemiphumela kamatikuletsheni. Akanakho ukudla noma imali. Kodwa unesifiso sokuzithuthukisa.

UMkhize (19) wasesigodini saseBangamaya kwaNongoma okuqhele ngamakhilomitha angu-280 enyakatho yeTheku, ungomunye wabafundi abambalwa abaqunge isibindi ebusuku kubanda balala endaweni evulekile ngaphandle kwaseMangosuthu University of Technology (MUT). Bonke bafuna ukuthola izikhala kule nyuvesi eseMlazi.

UMkhize uselale ngaphandle kwamasango enyuvesi kusukela ngoMsombuluko ngesikhathi kuvulwa ukubhalisa.

Naphezu kosizi lwakhe akadikibali. Ufuna ukubhalisa futhi enze umndeni wakhe kanye nedolobhana langakubo  baziqhenye ngaye.

“Ngizoqhubeka nokulwela ikusasa lami futhi uma kufuneka ngilale ngaphandle kwamasango enyuvesi ngizokwenza njalo. Ikusasa lami leli, futhi ngizolilwela,” efunga.

UMkhize utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ufuna ukufundela iziqu ze-accounting, okuzoba isiqalo sohambo lwakhe lokuba i-Chartered Accountant nokuyinto eyaba iphupho lakhe kusukela esemncane.

Ufuna nokubhalisela i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ezokhokhela izindleko zakhe zokuhlala.

Njengamanje i-MUT ibhalisa abafundi abazokwenza unyaka wokuqala.

UThabiso Ngcobo waseMandeni enyakatho yeKwaZulu-Natal ubeyingxenye yolayini abade kusukela ngoMsombuluko futhi akakabhalisi.

Kodwa-ke, amathemba alo mfana (19) wokufundela ubunjiniyela awakashabalali.

“Ngiphila ngesisho esithi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. Ngiyethemba ukuthi izinsuku zami zokulala ngaphandle kwenyuvesi ngingadlile zizongilethela imiphumela emihle mina nabanye abafundi abalapha,” esho.

Ubuhlungu laba bafundi abahlangabezana nabo bubenze babumbana.

“Sithathana njengabafowethu nodadewethu. Sixoxa ngezindaba zethu nalokho esifuna ukuba yikho uma siqeda izifundo zethu eminyakeni embalwa ezayo,” kusho uNgcobo.

Inyuvesi itshale amathimba aqaphayo emgwaqeni uGriffiths Mxenge Highway owake waba uMangosuthu Highway ukuqinisekisa ukuthi abafundi base-MUT baphephile ngaso sonke isikhathi.

UZolisa Gqamane oyiPhini lerejista yase-MUT uthe inyuvesi isikulungele ukwamukela abafundi abasha.

Esithombeni esingenhla: abazofuna isikhala sokufunda abalala ngaphandle kwenyuvesi yase-MUT

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva