“Banendaba nje namaphakethe abo!” Unozinti wase-Belgium ugxeka i-FIFA

Dylan Bettencourt

Ngemuva komunye wemidlalo engadingekile emhlabeni webhola, unozinti wase-Belgium uThobaut Courtois uhlasele abahleli bebhola ngokubeka phambili imali kunempilo yabadlali.

Umdlalo wokudlalela indawo yesithathu kweyesine ku-UEFA Nations League,  uCourtois awuchaze “njengongenamsebenzi”, uphethe ngokuthi i-Italy ihlulwe ngo-2-1. Ngemuva kwalokho, ompetha base-Europe banikezwe izindondo zethusi emqhudelwaneni osanda kusungulwa we-Nations League.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, unozinti we-Real Madrid uthe: “Lo mdlalo wumdlalo wemali nje futhi kufanele sibe neqiniso ngawo. Simane sidlalela i-UEFA. Yimali eyengeziwe”.

UCourtois uthe ukushintshwa kwabadlali ngamaqembu womabili kukhombise ukuthi alikho iqembu ebelizimisele ngalo mdlalo. Ngokuthembeka okumangalisayo, uthe ukube bekungumdlalo wamanqamu, ngabe azibanga bikho izinguquko eziningi kuwo womabili amaqembu.

“Lokhu kuyakhombisa ukuthi sidlala imidlalo eminingi kakhulu,” kusho uCourtois.

Ingxoxo yangemuva komdlalo isabalale ngoba kuyinto engajwayelekile ukuthi umdlali webhola atshele abezindaba ukuthi bazizwa kanjani ngokweqiniso. Lo nozinti ugxeke i-UEFA ngokwakha eminye imincintiswano yize yazi kahle kamhlophe ukuthi abadlali basebenza ngokweqile.

“Noma bangathukuthela ngamanye amaqembu afuna i-Super League, kodwa iqiniso lithi abanendaba nabadlali. Banendaba nje namaphakethe abo,” esho.

Ngenxa yokudlala ngokweqile ngesikhathi sekhefu lamazwe omhlaba, abadlali basengozini enkulu yokulimala. I-Belgium, okuyiyona ehleli endaweni yokuqala emhlabeni, yehlulekile ukubiza u-Eden Hazard noRomelu Lukaku, ompetha babo ababili, njengoba bobabili babephethwe ukukhathala kwemisipha.

UCourtois uthi abadlali bebhola abanikezwa isikhathi esanele sokuphumula nokululama.

“Manje sizwa nge-European Championship neNdebe yoMhlaba minyaka yonke. Sizophumula nini? Ngeke. ”

Ekupheleni kwesizini, abadlali bavame ukuthola ikhefu lamasonto amathathu kuya ngemisebenzi yabo. UCourtois uthe lokhu akwenele ukuthi bakwazi ukuncintisana ezingeni eliphezulu kakhulu ngesizini ezayo.

“Sizolimala! Akekho osanendaba nabadlali,” kusho uCourtois.

Umthombo wesithombe: @ManagingMadrid

Izihloko zakamuva