Lungani Zungu
ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini usethole ukunconywa ngokungasebenzisi isihlalo sakhe esinamandla ukuzuza ukwesekwa yinoma yiliphi iqembu lezepolitiki ngaphambi kokhetho lomasipala olubaluleke kakhulu ngesonto elizayo.
Phezu kobudlelwane bakhe nomsunguli we-IFP kanye noMengameli we-IFP umntwana kaphindangene uMangosuthu Buthelezi, iSilo samabandla uMisuzulu akazange aphumele obala aphakamise iqembu alesekayo ngaphambi kokhetho oluzokwenzeka mhla zizinye kuLwezi.
Akaphumelanga obala ngokuvuna i-ANC, yize enabangani abaningi abaziwayo eqenjini elibusayo, okuhlanganisa nendodana yowayenguMengameli wezwe uMnumzani uJacob Zuma, uDuduzane.
UZoza Shongwe ongumbhali aphinde athinte ezomlando ubonge kakhulu iSilo Samabandla uMisuzulu.
“Ukhombisa ukuthi uyawuqonda umthwalo wakhe njengomholi wesizwe esikhulu kangaka. Kufanele ahlale engachemi ngaso sonke isikhathi ukuze agweme ukungena esikhaleni esingaholela kumphumela omubi.”
UShongwe uthe iSilo Samabandla uMisuzulu kumele sihole izigidi zabantu ebukhosini bamaZulu ngaphandle kokungena kwezombusazwe.
Nokho uhambo olubheke okhethweni lohulumeni bendawo alibanga nazingxabano ezihlanganisa iSilo Samabandla uMisuzulu nemikhankaso.
I-IFP yaxosha omunye wabasebenzi bayo obesolwa ngokubhala umbhalo ezinkundleni zokuxhumana owawunomfanekiso wobuso beSilo.
Ngemuva kwalokho iqembu laxosisa kwiSilo ngalesi sigameko ngemuva kwalokho leli lungu lehla esikhundleni.
UMntwana uMbonisi Zulu, okhulumela iNdlunkulu, unxuse amaqembu ukuthi angasebenzisi isithunzi seSilo uma ekhankasa.
“ISilo sizohlezi singathathi hlangothi. Ngisho neSilo samabandla esesakhothama uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu kade engachemile.”
ISilo Samabandla uMisuzulu sithathe izintambo ngemuva kokukhothama kukayise iSilo uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu, nonina iNdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu, kanti iSilo uGoodwill wakhothama ngoNdasa iNdlovukazi yakhothama ngoMbasa ngokulandelana nomyeni wakhe.
Noma kunjalo, amanye amalungu akhona eNdlunkulu akubekela inselele ukuphakama kwakhe esihlalweni sobukhosi.
Udaba lusenkantolo okwamanje.
Khonamanjalo, kukhona enye iNkosi engeke ikwazi ukuphikisa izinsolo zokungathathi hlangothi kwezombusazwe. Inkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo unxuse isizwe ukuthi sisekele i-EFF ngemuva kokuthi umholi weqembu uJulius Malema emthembise ukumthengela imoto.