Bancenge i-ANC ukuba ibavumele ukuqasha uRingo Madlingozi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abahleli bomcimbi omkhulukazi i-Off Ramp Experience Music Festival oGwini bafonqe izigqoko becela ubuholi bukamasipala wesifunda ukuba bubavumele baqashe uRingo Madlingozi yize eseyi-EFF.

Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko ngesikhathi kwethulwa i-Off Ramp Experience esithangamini sabezindaba ebesisePort Shepstone.

Umsunguli we-Off Ramp Experience uMnuz Siyabonga Msomi utshele izikhulu zasoGwini ezibuye zihole i-ANC ukuthi abathandi bomculo bayazifela ngoMadlingozi ngakho kunzima ukumziba.

“Ngiyacela baholi bomkhandlu ukuba nisivumele siqashe lo mculi yize esengusopolitiki. Inkinga esinayo ukuthi abantu bayazifela ngaye ngakho kunzima ukumziba ngoba nakhu sithi uyi-EFF,” kusho uMsomi.

I-Off Ramp Experience Music Festival izoba ngomhlaka 29 kuNhlangulana 2024 eGamalakhe Sports and Leisure Centre.

UMsomi uveze ukuthi i-Off Ramp Experience izobe igabe ngezinto eziningi ezizofukula umnotho kubantu nokudala ukuzwana ngokwezinhlanga.

Phakathi kwezinto ezizokwenziwa kubalwa isoccer tournament, icomedy, ukuqwala izintaba nokudoba izinhlanzi.

IMeya yasoGwini uMnuz Isaac Zero Mqadi ithe akekho umculi abazomvimba ukuba aqashwe ngoba inhloso ukufukula umnotho kwezokuVakasha nokudala amathuba emisebenzi.

“Bonke laba baculi abaqashwe lapha banamaqembu abo ezepolitiki. Ngakho awukwazi ukuvimba umuntu ukuba azonandisa ngoba nakhu kuthiwa uyiqembu elithile. URingo wamukelekile njengabo bonke abaculi ukuba azofukula umnotho wethu,” kusho uMqadi.

I-Off Ramp Experiene isungulwe ngonyaka owedlule ngenhloso yokubuyisa umnotho olahlekele amaciko nomkhakha wezokuvakasha ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid 19 ngo-2020.

Isungulwe yangena esikhaleni soGu Jazz.

I-Off Ramp Experience ixhaswe umasipala iRay Nkonyeni kanye noMnyango wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho nokoNgiwa kweMvelo oholwa uNgqongqoshe uSiboniso Duma futhi onguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

Izihloko zakamuva