Menzi Magubane
Izinsuku zomgadli weBafana Bafana uPercy Tau sezibaliwe. Umqeqeshi we-Red Devils osanda kuqokwa uRicardo Soares kuthiwa uthatha uTau njengomuntu ongaphezulu kwezidingo zakhe.
Kubukeka sengathi abaphathi be-Al Ahly sebemthintile uMmatsatsi Sefalafala omele uTau ukuze ameluleke ngokubheka amanye amaqembu.
Ngokusho komthombo osondelene nalezi zinkunzi zase-Egypt abaphathi bafuna ukuthi athengwe ngemali enkulu ukuze nabo bezohlomula kulokho.
“Abaphathi be-Al Ahly bafunela uPercy Tau iqembu elizomthenga ngokushesha. Iqembu lifuna ukuhlomula ngesinxephezelo sezimali uma lingamtholela iqembu elisha,” kusho umthombo.
UTau ujoyine i-Red Devils ngoNcwaba nyakenye ngenkontileka yeminyaka emibili esuka kwi-Brighton & Hove Albion yase-England ngemuva kokuhehwa umqeqeshi wakhe wakudala we-Mamelodi Sundowns uPitso Mosimane ukuthi ajoyine i-Al Ahly.
Kodwa ngemuva kokusula kukaMosimane esikhundleni sakhe ngoNhlangulana, uTau akasafakwa emdlalweni eminingi.
Ngesonto eledlule ubuye ngemuva kokulimala okubambezele ukuqhubeka kwakhe ngaphansi kukaSoares, kodwa wakwazi ukubuya ngesikhathi somdlalo wamanqamu we-Egypt Cup ne-Zamalek ezinsukwini ezinhlanu ezedlule.
Ngeshwa iqembu lakhe lihlulwe ngamagoli amabili kwelilodwa kanti manje uSoares usekubeke kwacaca ukuthi lo mdlali weBafana akekho ezinhlelweni zakhe.
“I-Al Ahly ibheka isiphakamiso esiqinile sezimali ukuze ikwazi ukunxephezela ngesamba esikhulu esakhokhwa ngesikhathi esayiniswa uPercy we-Brighton nyakenye,” kusho umthombo.
Abamele uTau kuzodingeka ukuthi basebenze ngokushesha ukumtholela iqembu elisha. Ukuthatha kwabo isikhathi eside kuzokwenza uTau ahlezi evalelwa ngaphandle ezinhlelweni zikaSoares.
Isikhathi esincane sokudlala singase sibone uTau ephuthelwa iqembu likaHugo Broos elizobhekana ne-Liberia kowokuhlungela i-CAF Africa Cup of Nations (i-Afcon) ka-2023 ngoMandulo.
Umthombo wesithombe: @TheCitizen